Lubhalwe nguRazeen Gutta
UKaputeni wabesifazane bakuleli bekhilikithi uSune Luus usenxuse i-Cricket South Africa (CSA) kanye nohulumeni ukuthi baqinise ukutshala izimali emdlalweni wabesifazane ezweni lonke.
Ama-Proteas afinyelele kowamanqamu eNdebe Yomhlaba ye-ICC T20 okokuqala ngqa ngesonto eledlule, kodwa aphume emdlalweni wokugcina ebhekene ne-Australia eKapa ngeSonto.
Uma kuqhathaniswa namazwe afana ne-Australia, elakuleli linomsebenzi okufanele liwenze mayelana nokuthuthukisa umdlalo wabesifazane njengoba amaligi asekhaya kanye nezifundazwe kuyisinyathelo esilandelayo esicacile.
ULuus ukuqaphele kakhulu lokho futhi wagqamisa lokho abona kufanele kwenziwe ukuze baye phambili.
“Senze konke okusemandleni ethu ukunikeza amantombazane akuleli ithuba elingcono kakhulu.
Kusobala ukuthi besithanda ukuwina siphakamise ifulegi lethu etshela i-News24.
“Ngicabanga ukuthi i-CSA, uNgqongqoshe wezeMidlalo nanoma ngubani ophethe ikhilikithi kumele bavule iminyango banikeze imidlalo yekhilikithi yabesifazane ithuba elingcono abangalithola lokuhambisana ne-Australia, i-England ne-India.”
“I-IPL (Indian Premier League) iyona elandelayo futhi izobe inkulu. Sinethemba lokuthi izokhula futhi sithemba ukuthi sizothola i-SA20 yabesifazane. Lokho kungasiza kakhulu ikhilikithi yabesifazane bakuleli.”
“Uma ubheka wonke amaqembu aphezulu anawo amaligi nokuyinto edala ukuthi avelele kakhulu. Le yinto okumele siyibhekisise impela. Sesiside kakhulu isikhathi sicela ukuthi kube neligi yakuleli. Ngiyazi ukuthi kunezingqinamba zesabelomali, futhi kuhlale kunzima, kodwa siyazama ukunikeza abadlali bethu okungcono kakhulu.”
Ukuze lokhu kuphumelele kulele kwi-CSA nawo wonke umuntu ofisa ukuthi kuphumelele.”
Isithombe esingenhla: USune Luus
Umthombo wesithombe: @suneluus