Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Ukubhebhetheka kwezindaba zokushintshwa kwesikhumba ngokungemthetho sekudlange njengomlilo wequbula e-Zimbabwe, kodwa kubikwa ukuthi lo khilimu oyingozi uncibilikisa isikhumba sabo.
Lo khilimu wesikhumba uxube imishanguzo yama-ARV, amaphilisi e-cotrimoxazole ne-grandpa yekhanda.
Intsha ithenga lo khilimu oyingozi ubuthaphuthaphu ngoba bekholelwa ukuthi unikeza imiphumela esheshayo ekwenzeni isikhumba sibe mhlophe.
Lo khilimu awukho emthethweni ngoba unezinto eziyingozi futhi awugunyaziwe i-Medicines Control Council of Zimbabwe.
Inhlanganisela esheshayo iphinde isetshenziselwe ukususa amabala amnyama esikhumbeni.
Ngesikhathi uSandra Moyo oneminyaka engu-22 ubudala wase-Southerton, e-Harare eqala efuna ukushintsha isikhumba umngane wakhe wamazisa ngokhilimu othengiswa ngumakhelwane wakhe.
“Ngebhadi ngaqala ngaba namabala amnyama esikhumbeni sami,” kusho uSandra.
“Kamuva ngathola ukuthi kwakungenxa ye-mercury efakwe kukhilimu ophekwa egcekeni.”
Uthe waqala ukubuza watshelwa ukuthi akathathe imishanguzo yegciwane lengculazi awaxube namaphilisi e-Cotrimoxazole nephakethe le-grandpa ukuze kusuke amabala.
USandra uthe wasizwa uchwepheshe wezempilo wakhokha imali ukuze athole incwadi emgunyaza ukuthi athenge i-Nevirapine uhlobo lwama-ARV ukuze awaxube nokhilimu wesikhumba awuthenga esitolo e-Harare.
“Amabala wonke anyamalala emasontweni amane ngiqalile ukuwusebenzisa lo khilimu engangizixubele wona. Eqinisweni usebenza njengomlingo. Isikhumba sami siyacwebezela namabala asephelile,” kusho yena.
Umdayisi wokhilimu abakhanyisa isikhumba owenza ukuhweba kwakhe enkabeni yedolobha e-Harare uthe baveza okhilimu abasemthethweni kuphela ukuze uma izikhulu zibavakashele zingashongo bengaboshwa.
“Okhilimu bokugcoba bayafuneka futhi iningi imali engiyitholayo. Kanti laba abanye okhilimu angeke sikwazi ukubaveza njengoba kuthiwa abekho emthethweni, kodwa amakhasimende ethu aseyazi ukuthi kumele asebenzise yiphi indlela uma efuna okhilimu,” kusho umdayisi.
Uchwepheshe wezokwelapha uDkt Joey Chifamba uchaze ukuthi amakhemikhali angaphakathi kwemikhiqizo akhanyisa kanjani isikhumba.
“Ama-ARV afana ne-virapine anemiphumela engemihle eyenza isikhumba sibe lula okwenza isikhumba sishintshe umbala bese sisebenza ngokushesha uma ugcoba ukhilimu esikhumbeni,” echaza.
Udalule nokuthi abadayisi bokhilimu abakhanyisa isikhumba baqamba amanga ngamabomu ngomkhiqizo wezimonyo ongekho emthethweni futhi ongahloliwe okuhlanganisa nama-bootleg concoctions.
Isithombe esingenhla esakhilimu wokukhanyisa isikhumba
Umthombo wesithombe: sithunyelwe