Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Abesifazane base-Zimbabwe bamangalele uhulumeni ngokwenqaba ukungenisa izinto eziphuma emazweni angaphandle, ukutholakala kanye nokusebenzisa amathoyizi ocansi e-Zimbabwe.
NgoLwesine umqondisi omkhulu we-Women’s Academy for Leadership and Political Excellence (Walpe) uSitabile Dewa ufake umyalelo wokuthi ukuvinjelwa kumenyezelwe njengokuphambana nomthethosisekelo.
Kodwa uhulumeni akahlehli. Balindele ukuthi abathandi bamathoyizi ocansi bazijabulise ngamakhukhamba, ubhanana noma amakhandlela.
Abesifazane base-Zimbabwe bathukuthele bayaveva. Umthetho wase-Zimbabwe we-Customs and Excise Act uthi kuyicala ukungeniswa kwempahla ethathwa njengengcolile.
UCaroline Manhenga odayisa izimpahla zokugqoka ezivela e-China uthe kuyamethusa ukuthi uhulumeni ufuna ukugxambukela impilweni yakhe yangasese.
“Kungani bevimba ukungeniswa kwamathoyizi ocansi futhi lokhu kubathinta kanjani? Sengikhathele ukuthandana futhi anginalo isoka, ngakho amathoyizi ocansi ayangisiza uma ngifuna ukwenza ucansi,” kusho isakhamuzi (30) sase-Harare.
“Uhulumeni ufuna sisebenzise ubhanana, ukhukhamba noma amakhandlela. Lokho akunampilo. Ngincamela amathoyizi ocansi ngoba lokho kungenza ngivikeleke ezifweni ezithelelana ngocansi (STI) ne-HIV,” kusho uDewa.
“Lo mthetho owakudala futhi wephula amalungelo abantu besifazane okuzikhethela, ukuzihlanganisa nokuzijabulisa ngocansi oluphephile.”
Ofundisa e-Gwanda State University uShirley Chapunza
usanda kuvalelwa ejele izinyanga eziyisithupha ngokuthenga amathoyizi ocansi kwamanye amazwe, futhi wanikwa ithuba lokukhokha inhlawulo ngaleli cala.
Osebenzela umphakathi wase-Harare u-Ayanda Muponda wagwetshwa iminyaka emibili ejele ngokudayisela izingane amathoyizi ocansi kanti leso sigwebo salengiswa ngaphansi kombandela wokuthi enze umsebenzi womphakathi amahora angu-640.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa, ezoMthetho kanye nezindaba zePhalamende uZiyambi Ziyambi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lolu daba lusazodingidwa.
Bobabili uZiyambi noKazembe bangabaphenduli kuleli cala.
Esithombeni esingenhla: Amathoyizi ocansi abedayiswa e-Harare
Umthombo wesithombe: Ayanda Muponda