Celani Sikhakhane
Ngonyaka odlule umphakathi waseMnambithi wawuyinhlekisa.
Abahloli bamadayimane babegcwele idolobha KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi umalusi wezinkomo ememezele ukuthi uthole amadayimane, kodwa bathola ukuthi lama dayimane angama-fact quartz crystals angeke abasize ngalutho.
Namhlanje sekuphele unyaka abesifazane bakule ndawo bethi noma ukujaha ukumba idayimane mbumbulu kungalethanga ntuthuko emphakathini kodwa kube isibusiso kubona.
UMnyango Wezokumbiwa phansi esikhundleni sokuthi uvele uqoqe zonke izimpahla zabo uhambe, waqala uhlelo lokuqeqesha abesifazane abasebasha ngezimayini futhi ubaholela imadlana. Iphrojekthi kuhloswe ngayo ukuthi iqhube izinyanga ezingu-24.
Ngemuva konyaka abesifazane sebahamba phambili ngolwazi lwezimayini eMnambithi, futhi lokho kuyabasiza ukubakhipha kwindlala nokuhlupheka.
Inkosi uSiphiwe Kunene itshele i-Scrolla.Africa ukuthi umnyango uyabasiza nasekutholeni amanzi ngaphansi komhlaba ngenxa yokuthi indawo yabo ihlaselwe isomiso.
Kuze kube yimanje akukho manzi atholakele egqumeni lapho kwaqoqwa khona i-crystal quartz kodwa uphenyo lusaqhubeka nakwezinye izindawo.
Abantu bagcine bekwamukele ukuthi lawo matshe akuwona amadayimane futhi okubi kakhulu ukuthi imakethe emnyama ebiwathenga ayizange iqhubeke ngoba wonke umuntu ubenetshe,” kusho iNkosi uKunene.
La matshe atholwa ngumalusi wezinkomo wase-Lesotho owayelusa izinkomo zeNduna uNompumelelo Kunene.
Wasakaza izindaba emshadweni okwaholela ekutheni umphakathi ugijimele emagqumeni aKwaHlathi.
Usebuyile e-Lesotho ukuzokwenza umsebenzi wakhe wokulusa izinkomo. I-Scrolla.Africa izamile ukumthungatha, kodwa imizamo ayizange iphumelele.
Ukumbiwa kwentaba yaKwaHlathi ngonyaka odlule kwamenyezelwa uhulumeni njengezimayini ezingekho emthethweni.