Abesifazane basemaphandleni baziphilisa ngokudayisa iwuli

Zukile Majova

Intengo yewuli eNingizimu Afrika ithela izigidi zamarandi emaphaketheni abesifazane basemakhaya EmaXesibeni e-Eastern Cape.

Abesifazane ngokuvamile abanayo imfuyo ngoba ngokwesiko imfuyo ingeyabayeni babo noma abesilisa bebonke.

Kodwa akekho owathi ngeke bengakwazi ukwenza imali ngewuli yoboya ngaphandle kokudayisa izimvu.

KwaXhosa, abesilisa bavame ukufuya imfuyo ukuze benze imali uma bethengisa zonke izilwane futhi abanaki ukubaluleka koboya nezikhumba.

Esigodini saseSaphukanduku ngaphandle kwaseMaXesibeni abesifazane babuthana bagunde izimvu badayise uboya emakethe yase-Port Elizabeth.

I-Scroll.Africa ivakashele uVuyiswa Matha, iphini likasihlalo we-Eastern Cape Communal Wool Growers Association, ngemuva kokuba yena nabesifazane bendawo bezuze amabhele angama-70 oboya obucindezelwe emakethe.

‘Siqale ngonyaka wezi-2004 lapho senza khona amabhala ayi-13 senza imali eyi-10 000 zamarandi. 

‘Kodwa izinto sezishintshile kusukela lapho njengoba sesikhiqiza amabhala angaphezu kwangama-70 futhi senza ngaphezu kwemali eyizi-R500 000 zamarandi kulo nyaka,’ kusho uMatha.

UMatha uphethe indawo eyodwa e-Mount Ayliff enezibaya zokugunda izimvu ezingaphezu kwezingama-40, futhi wenza izinkulungwane zamarandi ngemikhiqizo yazo.

Imali yabelwa abakhiqizi boboya kuye ngenani lamakhilogremu akhiqizwa isibaya ngasinye.

Abanikazi abangenawo ama-akhawunti asebhange basebenzisa i-akhawunti yabo ejwayelekile  yokugunda izimvu.

Imvu eyodwa ingakhiqiza amakhilogremu amahlanu oboya kanti inani loboya libiza inani lemali eyizi-R168,30 ikhilogremu, kanti lokhu kufika kwimali engama-R841 imvu ngayinye.

UMatha unxuse abesifazana abaningi ukuthi bangene kwezokulima ukuze bathuthukise impilo yabo neyabantwana babo.

‘Imizi eminingi manje ayinabo obaba ngakho-ke siyanxusa kwabesifazane ukuthi babambe iqhaza ekulimeni.

‘Imali yakho isekukhuliseni imfuyo nasekukhuliseni izitshalo.’

Okungenani abantu abasha abayi-17 – abagunda izimvu abayisishiyagalolunye nabenzibewuli abayisishiyagalombili – bathole imisebenzi kule ndawo  aMama uMatha.

Izihloko zakamuva