Abesifazane basebenzise izinto zasekhishini ukulwa nomdlwenguli

Everson Luhanga

UKholofelo Makena nomamncane wakhe bebelele ngenkathi kungena owesilisa obephethe ummese, eyalela uKholofelo ukuthi akhumule ngoba efuna ukulala naye.

Kodwa lowo obezoba umdlwenguli uthole okungaphezu kwalokho abekulindele.

Abesifazane abanesibindi basebenzise izitsha zasekhishini ukulwa naye futhi bamehlula.

UKhololofelo uthe ngesikhathi eqala ukuzwa izigi endlini esigcemeni saseWinnie Mandela e-Tembisa, wayecabanga ukuthi kungenzeka yilungu lomndeni.

Kodwa le ndoda yaqonda ngqo ekamelweni lakhe lokulala yamtshela ukuthi akhumule.

“Uhlebeze wathi unento azongimangaza ngayo. Yilapho engibone khona ukuthi kunenkinga ngabe sengimemeza ngicela usizo,” uyasho.

“Ngikwazile ukubamba isandla sakhe ebesiphethe ummese ngokuphindelela ngasishayisa odongeni ummese waze wawela embhedeni wami.”

Ukhale kakhulu ecela usizo umamncane wakhe wangena evela egumbini eliseduzane.

“Umamncane wami weza nenduku yokupheka yokhuni nebhakede. Usebenzise induku mina ngasebenzisa ibhakede. Besimshaya ngenkhathi simemeza sicela usizo,” uyasho.

“Uzamile ukweqa kodwa sambamba saze sazwakala kwaze kweza abantu basegcekeni ukuzosiza. Baqhubeka nokumshaya.”

Uthe kunzima ukulala endlini manje njengoba wonke umsindo awuzwayo uletha izinkumbulo ezintsha zezinyathelo azizwile ngobusuku okwafika ngabo indoda egqekeze endlini yakhe.

“Ngisahlukumezekile. Angikaze ngihlangabezane nesigameko esinjena empilweni yami,” uyasho.

UKhololofelo uthe ngemuva kokuthi omakhelwane befike ukuzosiza baqhubeka nokushaya umdlwenguli waze wanikelwa ekomidini lomgwaqo lokulwa nobugebengu.

“Bamushaya baqede bamusa esiteshini samaphoyisa,” uyasho.

Izihloko zakamuva