Abesifazane base-Sudan bahola umbhikisho ophikisana nokuketula umbuso

Arthur Greene

Njengoba kunemiphumela enodlame yokuketulwa kombuso wase-Sudan, abesifazane ezweni bahamba phambili ekuphikisaneni nalokhu.

Phakathi kwalabo abebemasha enhlokodolobha i-Khartoum ngesonto eledlule bekukhona iqembu labesifazane, abebebambene ngezandla, becula bethi-“Give up Burhan, have a country we need to rebuild!”

Ingoma, ebikwe yintatheli uZaina Erhaim, iqondiswe kuJenene u-Abdel Fattah al-Burhan, obe inhloko yezwe ngemuva kokubopha uNdunankulu nokuhlakaza uhulumeni ngoMsombuluko odlule.

Kwenye indawo omunye wesifazane obengahlomile uthwetshulwe eshaywa kabuhlungu isosha ebeliphethe induku nehawu.

Impela, ukuphikisa okukhulu kuye kwahlangatshezwa udlame oluvela kwiziphathimandla.

Ngesikhathi ababhikishi bemasha bebheke ebhilidini lephalamende edolobheni lase-Omdurman ngoMgqibelo, amasosha abafuthe nge-teargas adabula ngezibhamu ebhekise ezixukwini.

Okungenani abantu abathathu bashonile kwalimala inqwaba phakathi nalezi zinxushunxushu.

“Lokhu ukuketulwa kombuso okwenziwa ngamasosha futhi siphikisana nakho ngayo yonke indlela,” kusho uMariam al-Mahdi, onguNgqongqoshe wezangaphandle kuhulumeni ohlakaziwe etshela i-Financial Times kuleli sonto.

“Akukho okuzovimba abesifazane base-Sudan, abalwela uguquko lwentando yeningi.”

Abesifazane baphinde bahola lo mkhankaso ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho omkhulu wokugcina wezwe, owaketula umbuso wengcindezelo ka-Omar al-Bashir.

U-Alaa Salah waba iqhawe lokuphisana nokuketulwa. Isithombe sakhe sabiwe emhlabeni wonke ngemva kokuthi agibele phezu kwemoto ahaye inkondlo yoguquko phambi kwesixuku sezinkulungwane.

Waba ngomunye wabantu ababalulekile emzabalazweni oyimpumelelo wezwe wokungenisa intando yeningi kulandela ukubusa kwengcindezelo kuka-al-Bashir iminyaka engama-30.

“Kuyingozi kakhulu. Impilo yami ayiphephile futhi umuzi wami ubhekwe ngamasosha ngaso sonke isikhathi,” kusho uSalah kuleli sonto, ngemuva kokuphoqwa ukuba acashe.

Abaningi basaba ukuthi lo mbuso omusha uzohlehlisa inqubekela phambili eyenziwe kumalungelo abantu besifazane kusukela ekuweni kombuso ka-al-Bashir.

Izihloko zakamuva