Abesifazane base-Rwanda bathenga okhilimu ngokungemthetho

Kamogelo Olaitan

Kuyicala ukuthengisa noma ukukhiqiza okhilimu abakhanyisa isikhumba e-Rwanda. Uma utholakala uphethe imikhiqizo ungabhekana neminyaka emibili ejele noma inhlawulo ka-R85,000.

Kodwa abesifazane base-Rwanda bayayisebenzisa imikhiqizo ngasese, abanye badela ukudla ukuze bakwazi ukuthenga okhilimu abamhlophe.

Lokhu kungenxa yokuthi ukudayiswa nokukhiqizwa kwemikhiqizo eyenziwe ngokungemthetho amanani akhona ayanyuka.

UMengameli uPaul Kagame ubiza ukusetshenziswa kokhilimu abakhanyisa isikhumba ngokuthi akunampilo. Le mikhiqizo iqukethe amakhemikhali ayingozi ahlanganisa i-hydroquinone, i-mercury nama-steroids.

Owesifazane wasedolobheni i-northwestern e-Musaze ocele ukungadalulwa igama, utshele i-CNN ukuthi bekunzima ukuthola abahlinzeki abasha ngenxa yezinhlawulo ezihambisana nokubanjwa.

“Kumele uqale uthenjwe ngumshushumbisi ngoba uma kungenjalo awukwazi ukuthola okhilimu abakhanyisa isikhumba, noma i-mukorogo njengoba bedume kanjalo endaweni,” kusho lo wesifazane.

Uthe njalo ngenyanga uya esitolo esidayisa okhilimu esisedolobheni kanti uma esesitolo ubheka umuntu omdayiselayo bese esebenzisa amagama ambalwa ukuchaza ukuthi uze ngani. Ube esenikezwa ukhilimu ofakwe emvilophini enkulu.

Umsiki wengqephu nonina wezingane ezimbili, uthe nakuba azi ukuthi ukhokha kabili imali ngokuthenga ukhilimu, kodwa akakwazi ukuyeka ukusebenzisa ukhilimu ngoba sekuneminyaka emihlanu awuqala.

“Umkhiqizo uyasikhanyisa isikhumba sami futhi ngibukeke ngimuhle. Ngiyajabula ukuthi umkhiqizo usuyatholakala.”

Komunye umsebenzisi ozibiza ngoClementine ukhilimu wakhe ubiza ngokuphindwe kahlanu. Usuka ku-R34 waya ku-R170.

Utshele i-CNN ukuthi wayevame ukudela ukudla ukuze akwazi ukukhokhela imikhiqizo.

UYolande Makolo okhulumela uhulumeni wase-Rwanda uthe yize umthetho owenqabela ukusetshenziswa kwemikhiqizo yesikhumba waphasiswa ngo-2016, kodwa ngo-2018 iziphathimandla ziqale  ukucindezela ukwephulwa komthetho.

“Kube khona ukungalandelwa komyalelo kaNgqongqoshe ngo-2016, kodwa kwaphoqa ngo-2018 ukuthi balandele iminyalelo. Lokhu kungenxa yokuthi iminyango eyahlukene ibidinga ukuthi ithuthukise amakhono ukuze ihlole imikhiqizo futhi iqinisekise ukuthi ivaliwe.” 

Izihloko zakamuva