Abesifazane base-Iran bavinjelwa ukungena ezinkundleni

Dylan Bettencourt

Uhlangothi lwebhola labesifazane e-Iran lukhala ngokuvinjelwa kwabalandeli besifazane bevinjelwe ukuya ezinkundleni.

Inqwaba yabantu besifazane base-Iran bazame ukungena enkundleni yezemidlalo i-Imam Reza ukuyobuka iqembu lesizwe labesilisa lidlala umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba libhekene ne-Lebanon, kodwa bavinjelwa ukungena enkundleni yezemidlalo.

Ukuvinjelwa kwabalandeli besifazane ukuya ezinkundleni zezemidlalo selokhu kwaqala kusukela ngo-1979 nakuba i-Fifa, okuyisigungu esengamele ibhola yaphakamisa ukuthi lo mthetho uhoxiswe.

Imibiko iveza ukuthi laba besifazane baxoshwe enkundleni yiziphathimandla zasendaweni ezisebenzise i-pepper spray ukuhlakaza isixuku.

Abesifazane base-Iran badlale umqhudelwano wabo wokuqala wamazwe ngamazwe ngoMasingana ngesikhathi bebambe iqhaza kwi-Women’s Asian Cup.

Umqeqeshi uMaryam Irandoost ukholelwa ukuthi ukubamba iqhaza kweqembu labesifazane base-Iran emiqhudelwaneni ngelinye ilanga kuzovumela ukuthi kwenziwe umlando.

“Sengizame iminyaka eminingi ukukushintsha lokhu. Amantombazane ethu ahlungelayo kanye nadlale kwi-Asian Cup aguqule izinkolelo zabantu abaningi e-Iran futhi ngicabanga ukuthi lo mthetho uzoshabalala maduze nje,” kusho umqeqeshi.

Inhloso yabo ukusebenzisa inkundla yabo ukulungisa imithetho nokubuyisela abesifazane ezinkundleni.

“Ukungena ezinkundleni akukhona nje ukuyobukela imidlalo noma ukunyusa isibalo sabalandeli. Kuzophinde kuguqule umbono webhola labesifazane e-Iran,” kwengeza u-Irandoost.

Balinganiselwa kwabangu-2,500 kuphela abadlali bebhola besifazane kuleli kusukela eminyakeni engu-70 edlule kanti okuhlabe umxhwele ngesikhathi somqhudelwano wabo wokuqala ngqa kufakazele ukuthi i-Iran inakho okudingekayo ukuze iqophe umlando.

“Kunegebe leminyaka engu-50 ngemuva kwamaqembu ahamba phambili emhlabeni kodwa imindeni yalapha ithanda ibhola kakhulu kanti lokhu kukhuthaza abesifazane ukuthi badlale,” kusho u-Irandoost.

I-Iran Women inethemba lokuthi ukusebenza kwabo kwi-Asia Cup kuzoheha abantu abaningi ezweni ukukhombisa ukweseka kwabo iphrojekthi yabo.

U-Irandoost uphethe ngokuthi uma iqembu liqhubeka nokuthola ukwesekwa kulo mfelandawonye, eminyakeni eyishumi ezayo lizobe lidlala kwiNdebe yoMhlaba.

Umthombo wesithombe: @TehranTimes

Izihloko zakamuva