Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Abesifazana abafuna ukungenela ukhetho lobuMengameli oluzayo e-Zimbabwe banqatshelwa ukwenza lokhu ngokuthi batshelwe ukuthi kumele bakhokhe imali engu-R360,000 (US$20,000).
Ngo-2013 kwabekwa umthetho ukuze u-30% wezihlalo zephalamende zibekelwe abesifazane kodwa ukuntuleka kwabesifazane abazongenela ukhetho lwalo nyaka kukhombisa ukuthi lo mthetho ungelinye nje iqhinga lezepolitiki.
Bekuhloswe ngawo ukuveza isithombe sokufakwa kwepolitiki nokumelene nokulingana.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uMengameli weqembu lezombusazwe i-United Zimbabwe Alliance (UZA), u-Elizabeth Valerio uthe ucabanga ukuthi ikhomishini yokhetho yase-Zimbabwe (ZEC) ivala iminyango kwabampofu.
“Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi asinayo intando yeningi kuleli,” esho.
“Akukho ukubandakanywa kwezepolitiki futhi lokho kufanele kube ngenye yezinto ezikhathaza ikhomishini yokhetho kakhulu. Kuyadabukisa kakhulu ukuthi i-ZEC ikushaye indiva lokhu.”
Owesifazana ongenele ukhetho lobuMengameli ongumholi we-Labour, Economist and African Diplomats (LEAD) uLinda Masarira uthi kumthathe iminyaka emihlanu ukuthi aqoqe imali kodwa wathi ngenxa yesimo somnotho akakakwazi ukuyikhokha.
“I-ZEC bekumele yenze amalungiselelo okuthi sikhokhe ngemali yakuleli ngoba iyazi ukuthi abesifazane abazongenela ukhetho abasoze bakwazi ukuthola amadola aseMelika ngakho basasebenzisa lokhu ukubakhipha kulolu khetho,” esho.
“Ngamafuphi bekuyindlela yokukhipha abesifazane kulolu khetho ngendlela ehlelekile. Ngaya ezinkantolo ngethemba lokuthi lolu daba luzolungiswa ngokushesha kodwa ngeke ngimangale uma ngitshelwa ukuthi udaba luzoqulwa ngemuva kosuku lokhetho oluzoba ngomhlaka-23 kuNcwaba.”
Umqondisi we-Women’s Academy for Leadership and Political Excellence
(WALPE) uSitabile Dewa uthe imali ekhokhwayo yokungenela ukhetho lobuMengameli inkulu kakhulu. Uphinde wakuchaza njengokucwasa ngoba abantu besifazane bahlezi beza ekugcineni kwezomnotho nakwezobuholi ezikhundleni ezikhethwe umphakathi.
Umphathi wekhomishini yokhetho e-Zimbabwe, u-Utoile Silaigwana uthe ikhomishini yelule isikhathi kwabafuna ukungenela ukhetho abakhala ngobunzima bokukhokha obubangelwa amabhange.
Esithombeni esingenhla: UMengameli we-UZA u-Elizabeth Valerio kanye noMengameli we-LEAD uLinda Masarira
Umthombo wesithombe: Twitter