Abesifazane bafuna kwenzeke izinguquko ngomthetho wokudlwengula 

Lubhalwe nguNadine Theron

Esitatimendeni sangoLwesihlanu uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo uRonald Lamola uthe abesifazane basebenzisa imizwa yabo eziNkantolo okwenza abasolwa baphunyuke namacala okudlwengula.

Lokhu kulandela isicelo esifakwe eNkantolo yoMthethosisekelo ngeledlule sokuchibiyela kwalo mthetho wokudlwengula okuzokwenza ukuthi abasolwa ngokudlwengula kube nzima ukuzenzisa phambi kweNkantolo.

Njengamanje umthetho udinga ubufakazi obuvela kuhulumeni bokuthi ummangalelwa ubenenhloso yokwenza ubugebengu bokudlwengula ngaphambi kokuba atholakale benecala.

Kodwa ngokwesicelo, lo mthetho kufanele ubhalwe kabusha ukuze kufakwe incazelo yegama ukudlwengulwa kanye nokuvumelana ngamafuphi uma owesifazane ethi cha akube ucha. Uma abamangalelwa benze lokhu bayobe bedlwengulile.

Isicelo sifakwe inhlangano engenzi nzuzo i-Embrace Project, nowesifazane wasePitoli owadlwengulwa esemncane.

Isisulu sichaza ukuhlaselwa kwakhe okunyantisayo: “Ngathi cha ngaphinda ngazama ukumsusa phezu kwami, kodwa akwenzekanga njengoba imilenze yami yayingaphezu kwekhanda lami ngicindezelwe kusofa.”

Isisulu asizange sithole ubulungiswa eNkantolo ngoba undlwenguli wafakaza ngokuthi wayengezwa ukuthi uyanqaba.

I-Embrace Project ithi amagama akhona njengamanje omthetho ashintsha kakhulu icala livune abasolwa, njengoba cishe kunzima kakhulu ukuveza ubufakazi obubambekayo.

UNgqongqoshe uyasiphikisa isicelo uthi “Lesi sicelo sigqugquzelwa ukuziqhayisa kwabesifazane ngabesilisa futhi basebenzisa imizwa yabo ukuzama ukukhombisa iNkantolo ukuthi lo mthetho awuhambisani nomthethosisekelo, kodwa akunjalo,” kusho okhulumela uNgqongqoshe, uLeonard Sebelemetja.

“Ayikho inkinga ngomthetho okhona njengamanje othinta amacala ocansi futhi abesifazane abakwazi ukusola ukwanda kokudlwengulwa ezweni lethu emthethweni,” ngemibono kaNgqongqoshe.

USebelemetja ungumqondisi omkhulu wezokuthuthukiswa komthetho emnyangweni kaLamola.

UNgqongqoshe uthi iphutha ecaleni alikho emthethweni, kodwa lisekuhunyushweni kabi imantshi elalela leli cala.

Uthi uyazwelana nesisulu noma engahambisani nesinqumo sakhe mayelana nesicelo abasifake eNkantolo.

Owesifazane oyedwa kwabathathu kuleli uyadlwengulwa noma usazodlwengulwa futhi yilawo macala kuphela abikwa emaphoyiseni.

Ngonyaka odlule, uphiko lwabesifazane be-ANC lwaphakamisa ukuthelwa ngamakhemikhali njengesijeziso esingeziwe kwabadlwenguli, kodwa ongoti bakholelwa ukuthi asikho isidingo sokujeziswa kanzima ngokudlwengula ekubeni umthetho wamanje wenza kube nzima ukuthola abasolwa benecala.

Isithombe esingenhla: Amalungu e-The Embrace Project ebhikisha phambi kwe-Union Building

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva