Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
I-Democratic Alliance Womens Network (Dawn) imashe e-Gqeberha ngoLwesine yanikeza uMasipala waseNelson Mandela Bay incwadi yokucela usizo lwabesifazane nezingane abangenamakhaya kulo masipala omkhulu.
Umholi we-Dawn uNomvano Zibonda uthe balinganiselwa ku-4 000 abantu abangenamakhaya kuleli dolobha, iningi labo okungabesifazane nezingane.
Uthe kule mashi izinkinga ezinjengodlame, ukuntuleka kwemisebenzi, nobubha zenza kube nzima kakhulu kwabesifazane nezingane abaphoqeleka ukuhlala emigwaqeni.
Isifundazwe sase-Eastern Cape sinesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi kuleli njengoba iqophelo lokungaqashwa kwabantu bekuku-42.9% ngoMbasa.
“Abesifazane bashiya imizi yabo ngoba bebalekela udlame kodwa babhekane nezingozi ezifanayo emigwaqeni. Siphakamisa izindlela zokuthi idolobha lisize ukunqanda lo mkhuba wodlame,” kusho uZibonda.
Uthe kudingeka ezinye izindawo zokukhosela abesifazane nezingane.
“Abantu besifazane bafanelwe ukuba nesithunzi ngisho bengenamakhaya akumele baze bakhumule phambi kwamadoda ngoba izinsiza zezindlu azanele,” usho kanje.
Umama ongenakhaya e-Gqeberha Central uthe wasuka e-Keiskammahoek ngo-2019 eyofuna umsebenzi kodwa waphelela emigwaqeni.
“Impilo yasemgwaqeni inzima kwabesifazane, amadoda ayasizakala, ngakho sidinga izindawo zokukhosela ezabesifazane kuphela,” usho kanje.
USomlomo womkhandlu we-NMBM u-Eugene Johnson uyamukele incwadi wathi umasipala uhlela ukushintsha amabhilidi angasasetshenziswa abe yizindawo zokukhosela.
“Sibheka amabhilidi amadala ukuthi yimaphi angasetshenziswa njengezindawo zokukhosela,” kusho uJohnson.
Esithombeni ngenhla: I-Democratic Alliance Womens Network imasha ukulwa nokungabi namakhaya e-Nelson Mandela Bay.
Umthombo: Anita Dangazele