Abesifazane baboshelwe ukuhlobisa ikhekhe ngemali

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abesifazane ababili abangosomabhizinisi abasafufusa abaziphilisa ngokubhaka amakhekhe baboshelwe ukuhlobisa amakhekhe abo ngemali yase-Malawi.

Amaphoyisa ase-Blantyre agcine laba babhaki ababili abaziwa ngelikaTumpale Ghambi (24) noSibongire Kaira (25) esitokisini ngezinsolo zokuthi bahlobise ikhekhe ngemali yasebange.

Isekela lesikhulu samaphoyisa e-Blantyre uConstable Ivy Mwalabu uthe laba ababili abanebhizinisi lokubhaka e-Kanjedza bahlobise ikhekhe labo besebenzisa imali engu-K500 kwacha okuyisamba semali engu-K35 000 ngoMgqibelo mhla ziyisikhombisa kuMasingana.

Ababhaki abanobuhlakani babe sebefaka ikhekhe ekhasini labo lebhizinisi le-Facebook njengendlela yokukhangisa imikhiqizo yabo.

“Izikhulu ze-Reserve Bank of Malawi ziye zabika lolu daba esiteshini samaphoyisa e-Blantyre ngemuva kokubona lesi sikhangiso ezinkundleni zokuxhumana amaphoyisa abe eseqala umkhankaso wokuthungatha laba ababili,” kusho uMwalabu.

UConstable Mwalabu wengeze ngokuthi abasolwa sebebekwe icala lokusebenzisa kabi imali yase-Malawi futhi bazovela ngaphambi kwenkantolo uma uphenyo seluphothuliwe.

Bobabili abasolwa basuka esifundeni esisenyakatho yaleliyazwe. “UGhambi uqhamuka esigodini sase-Mwenilondo edolobheni lase-Kyungu esifundeni saseKaronga, kanti uKaira ungowasesigodini sase-Wenya edolobheni lase-Mwenewenye esifundeni sase-Chitipa,” esho.

Esithombeni esingenhla: Ikhekhe elihlotshiswe ngemali

Umthombo: @Malawi24

Izihloko zakamuva