Lungani Zungu
Umhlangano womphakathi wokukhetha ikhansela lesigceme le-ANC ufike esiphethweni esinodlame nesibuhlungu ngesikhathi kubulawa abesifazane abathathu, abaphakathi kweminyaka engama-34 nengama-60, ngesikhathi kudutshulwa ngoMgqibelo.
Abanye besifazane abane nowesilisa oyedwa, abaneminyaka ephakathi kwengama-41 nengama-70, basale belimele kanzima emhlanganweni obusesikoleni samabanga aphansi iBuhlebethu e-Newtown eNanda, KwaZulu-Natali.
Lesi sehlakalo esibuhlungu senze ukuthi kube nesixakaxaka esifundazweni esihlezi sinokubulawa kwabantu kwezepolitiki ngesikhathi sokhetho.
Akukaqinisekiswa okwamanje ukuthi ngabe lesi sigameko sihlobene nokubulawa kwabantu kwezepolitiki yini.
Kodwa-ke, uMnu Bheki Ntuli, ongumxhumanisi wethimba elibhekele ukusebenza kwe-ANC esifundeni saseThekwini, uxhumanise lokhu kubulala nepolitiki embhalweni wakhe ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwesigameko.
“Kuyihlazo kithi sonke njengamalungu e-ANC”.
Ube eseqedela umbhalo wakhe ngesiZulu, ebuza ethi: “Ubabulala kanjani omama beyophakamisa ikhansela le-ANC?”.
UThanduxolo Sabelo, oyilungu lesigungu esiphezulu kumasipala weTheku, uthe: “Sigobise amakhanda ngoba sinamahloni”.
UBrigadier Jay Naicker, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali, usiqinisekisile lesi sigameko.
UNaicker uthe iqulu labantu belimi esangweni lesikole ngesikhathi iveni emnyama ye-Opel Corsa enabagibeli abahlanu idlula ngasesikoleni abagibeli bavulela ngenhlamvu.
“Amaphoyisa aseNanda aphenya amacala amathathu okubulala namahlanu okuzama ukubulala. Asikwazi ukuqinisekisa isizathu sokudubula okwamanje,” kusho uNaicker.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi unxuse umphakathi ukuba ukhiphe lezi zigebengu.
“Ngeke kube khona isizathu esizwakalayo ngalesi senzo sobulwane nobugwala,” esho esitatimendeni.
Akukaziwa ukuthi bangobani laba besifazane abathathu ababulewe.
Zingaphezu kwama-33 izigameko zokubulawa kwabantu ezihlobene nezepolitiki ezenzeka KwaZulu-Natali ngowezi-2016 ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngalowo nyaka njengoba kwaqinisekiswa nguNgqongqoshe wamaphoyisa wangaleso sikhathi uFikile Mbalula.
Ukhetho lwalo nyaka luzoba ngomhla wokuqala kuLwezi.