Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Bekufanele kube ubusuku bokubonga nokukhuleka kumalungu ebandla i-Showers of Blessings eKapa kodwa kube ubusuku obusabekayo nobethusayo.
Ababili ababuya ukuyosoka abebehlome ngezibhamu bangene ebandleni e-Khayelitsha bayalela amalunguabesifazane angu-18 ukuthi akhumule base bebasabisa ngokubadlwengula.
La malungu abesanda kuqeda inkonzo yesiphambano ngoMgqibelo kanti abesilisa besebephumile ebandleni bashiya abesifazane bodwa.
Ngesikhathi uMfundisi uSiyabulela Jezile ezwa ngokwenzekile uye wagijima wabuyela ebandleni wafica abesifazane besesimeni esibi, bekhala futhi behlukumezekile.
“Omunye umsolwa ubebakhombe ngesibhamu wabayalela ukuthi bakhumule izingubo zabo ngesikhathi esabisa ngokubagwaza nokubadubula,” kusho uJezile.
Laba besifazane balandele imiyalelo yalezi zigebengu base beyalelwa ukuthi bakhiphe omakhalekhukhwini babo. Sebenqunu bavele benza njengoba kushiwo.
Omunye walaba besifazane ulandisa ngokuthi kuye kwakufaneleka ukuthi bame ulayini kwazise bebesabela izimpilo zabo.
“Omunye ubelokhu esihleka sinqunu ethi sibukeka sibahle futhi siyathandeka. Ubelokhu ekhipha ulimi njalo,” esho.
Abasolwa babe sebethatha omakhelekhukhwini babaleka. Abesifazane abahlukumezekile bathola ukwelulekwa ngokwengqondo.
Naphezu kobunzima ababhekane nabo bathi babonga uNkulunkulu ngokubasindisa ekudlwengulweni.
“Siphatheke kabi futhi sicasukile ukuthi lezi zigebengu azimhloniphi uNkulunkulu kodwa futhi sibonga uNkulunkulu ngokusisindisa,” kusho owesifazane.
“Siyazi ukuthi bekungaba kubi kakhulu. Akuvamile ukuthi abesifazane baphunyuke ngaphandle kokudlwengulwa.”
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg ukuqinisekisile ukuthi abasolwa ababili abaneminyaka engu-20 no-25 ubudala baboshiwe kanti bazovela enkantolo ngoMsombuluko.
“I-Khayelitsha FCS iphenya amacala okugetshengwa kwebhizinisi nokunukubeza ngokocansi,” esho.
Esithombeni esingenhla: Ibandla i-Shower of Blessings Christian church e-Khayelitsha
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze