Abesifazane abamnyama bengayiwina iComrades: Mbuthuma

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umakadebona wakuleli we-ultra marathon uFikile Mbuthuma ukholelwa ekutheni abasubathi besifazane abamnyama banakho okudingekayo ukuze bawine i-Comrades Marathon.

I-Comrades Marathon okuwumjaho omdala kunayo yonke emhlabeni igijinywa phakathi koMgungundlovu neTheku minyaka yonke.

Lo mjaho awukaze uwinwe umsubathi omnyama wesifazane kanti bahlanu kuphela abantu besifazane abamnyama abakwazile ukungena phakathi kwabayishumi abahamba phambili baphinde bathola nezindondo zegolide.

Umakadebona uFarwa Mentor wawina izindondo zegolide eziyishumi phakathi kuka-2002 no-2011, waphuma isithathu ngo-2004. UGalaletsang Mekgoe waphuma isihlanu emjahweni wanyakenye; uMbuthuma waphuma endaweni yesishiyagalombili emjahweni wango-2016. UNokuthula Nhlengethwa waba ngowesishiyagalolunye ngo-1993 kwathi uSarah Mahlangu waba ngowesikhombisa ngo-2002.

UMbuthuma ogijima ngemibala ye-Nedbank Running Club uthe sesifikile isikhathi sabo sokugqama.

“Ngicabanga ukuthi sibakhombisile abantu ukuthi singakwazi ukuwina i-Comrades Marathon,” esho

“Sisefomini enhle kakhulu kunakuqala futhi nezinga lokuqeqesha esilitholayo lisezingeni eliphezulu. Ngiyazi ukuthi besingakaze sikwenze kodwa ngikholwa ukuthi kuzoshintsha eminyakeni embalwa ezayo. Bakhona abasubathi abanawo amandla amakhulu okuqopha umlando. Okukhulu kuseza,” esho.

UMbuthuma (42) usamile ekutheni imilenze yakhe ingakhipha enye indondo yegolide.

“Ngicabanga ukuthi mincane iminyaka yami esele yokugijima kwi-Comrades Marathon. Ukuzilungiselela umjaho kuthathe wonke amandla nesikhathi ngakho ngiyaguga manje kodwa ngicabanga ukuthi ngisengakwazi ukuqeda kwabayishumi ngiphinde ngithole enye indondo yegolide,” esho.

UMbuthuma wayemele elakuleli ngo-2018 kwi-World Championship emjahweni ka-100m owawuse-Croatia futhi wayeyingxenye yeqembu lakuleli encintisana emjahweni ka-50km kwi-AIU Championship ngo-2019 e-Romania.

Esithombni esingenhla: UFikile Mbuthuma

Umthombo wesithombe: Ikhasi likaFikile Mbuthuma lakuFacebook

Izihloko zakamuva