Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
- Abesifazane abakhulelwe abasesibhedlela iMowbray Maternity bathi kuyabehlula ukudla lokhu kudla okunganambitheki kwasesibhedlela.
- Isibhedlela asiyivumeli imindeni ukuthi ilethe ukudla kwasekhaya.
Ukudla okugunyazwe esibhedlela komama abakhulelwe akunambitheki kahle kanti abakuzwisisi kahle emlonyeni.
Abesifazane abakhulelwe esibhedlela eMowbray Maternity eKapa bathi bahlushwa izinhlungu zokusikwa kanye nokudla okubi ngesikhathi esisodwa.
Esinye isiguli esicele ukungadalulwa, sithe isibhedlela siyawunqabela umndeni waso ukuthi ulethe ukudla kwasekhaya.
“Akulungile lokhu, ukudla abasiphakela kona akunambitheki, uma amalungu omndeni esilethela ukudla avele ajikiswe nakho, kuthiwe akuvumelekile. Akuvumelekile kanjani lokhu ekubeni bengenandaba nokuthi sidlani?” Esho
Uthe ukubhekana nezinhlungu zokubeletha kunzima ngokwanele ngaphandle kokukhathazeka ngokudla okunganambitheki.
“Sicindezelekile ngenxa yezinhlungu zokubeletha; lokho kukodwa kwanele. Isibhedlela kufanele sisivumele ukuthi sidle ukudla kwangaphandle kwesibhedlela ngoba ukudla abasiphakela kona kwandisa ingcindezi; ngokukubuka nje, uvele ubanjwe ingcindezi,” kusho yena. .

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eWestern Cape u-Abulele Dyasi uthe bafuna omama badle kahle kodwa ukudla okusheshayo akubalungele.
“Nakuba amalungu omndeni evumelekile ukuletha ukudla okunempilo okuhambisana nezidingo zokudla okunomsoco komama abasanda kubeletha, ukudla okuhlohlozisiwe, nakuba kumnandi, kungase kungabinawo imisoco edingekayo ukuze umuntu abe nempilo futhi alulame,” kusho uDyasi.
Isibhedlela sinikezela ngokudla okulula okubili ngaphezu kokudla okujwayelekile komama abakhulelwe nabancelisayo.
UDyasi uthe iziguli ezingajabulile kufanele zikhulume nezimenenja mayelana nokudla noma zithinte uMnyango wezeMpilo eWestern Cape ku-0860 142 142, i-email [email protected] noma zithumele i-Please Call Me ku-079 769 1207.
Esithombeni esingenhla: Iziguli zaseMowbray Maternity Hospital, eKapa, zikhala ngokudla okungenambitheki okuhlinzekwa yisibhedlela.
Umthombo: Sithunyelwe
