Abesifazane abahola kakhulu kunabalingani babo bayazenzisa uma kuza ocansini-ucwaningo

Arthur Greene

Ucwaningo olusha luthole ukuthi abesifazane abahola kakhulu kunalaba abahlekisana nabo besilisa banamathuba amaningi okuthi bazenzise uma kwenziwa inkonzo yasekamelweni.

Isizathu sokuthi abanye besifazane benze lokhu, abacwaningi bathole ukuthi, ingoba bacabanga ukuthi laba abahlekisana nabo bazibukela phansi njengoba owesifazane esuke ehola kakhulu kunalo ahlekisana naye.

Ngakho-ke bazama ukuvikela ubudoda kulowo asuke ehlekisana naye ngokwenza sengathi bayaneliseka ekamelweni!

Umbhali wocwaningo uJessica Jordan uthi umsuka wenkinga uphakathi kwezinto ezikhulunywayo nezinto ezilindelekile.

“Umphakathi uthi abesilisa kufanele babe ngamadoda aqinile amelana nayo yonke into njengoba amadoda evame ukuzwa ukuthi kufanele ngibe indoda. Kufanele ngabe ngikhombisa ubudoda bami.’ Ngakho-ke, abesifazane basiza amadoda ukuze afeze lokho,” uJordan etshela i-MedicineNet.

Lolu cwaningo olwenziwa abacwaningi baseNyuvesi yase-Florida eMelika, luthole ukuthi abesifazane abahola imali eningi banamathuba aphindwe kabili okuzenzisa enkonzweni yasekamelweni  kunalabo abahola kancane.

UJordan ubefisa ukuveza ukuthi lesi sigameko akulona iphutha lowesilisa noma lowesifazane osebudlelwaneni. Kwenzeka ngenxa yokuthi abantu balahlekelwa ukukhuluma babelane ngezinto eziningi.

“Iseluleko sami kungaba ukuthi izithandani ziqale ukukhuluma ngezidingo zocansi nezingezona ezocansi kusenesikhathi ebudlelwaneni babo,” kusho uJordan.

Okutholwe nguJordan kwashicilelwa kwijenali ye-Social Psychological and Personality Science.

Ngokumangalisayo, lolu cwaningo lwabhebhetheka njengomlilo, abesifazane abaningi besho into efanayo: ucwaningo luqinisekise lokho izigidi zabesifazane ezikwaziyo!

Scrolla World Cup Quiz