Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Omama ababili baphendula imfucuza elahliwe ibe yindlela yokuphila emindenini yabo.
UBulelwa Makade umama wezingane ezine nomakhelwane wakhe uNofirst Dweka wase-Lower Crossroads, eKapa bathathe umsebenzi oyinselelo wokuqoqa izinto ezingasasetshenziswa emigwaqeni yangakubo.
Njalo ngehora lesihlanu ekuseni, uMakade noDweka baqhuba izinqola zabo emgwaqeni benephupho lokuhlinzeka ngekusasa elingcono ezinganeni zabo. Babambe leli thuba ngezandla zombili, baqoqa izinto bazidayisele inkampani egaya kabusha izinto abaziqoqile.
“Ngikwenza lokhu ngoba ayikho enye into engingayenza,” kusho uMakade.
“Lokhu ngikwenzela ukuthi izingane zami zithole imfundo futhi kube nokudla okwanele etafuleni.”
Uthe ukuhamba ufuna izinto ezilahliwe emigwaqeni akulula futhi njengoba liphezulu izinga lobugebengu endaweni yabo bayazi ukuthi bangase bagetshengwe balahlekelwe nayizinqola zabo.
Kwesinye isikhathi sivuka izulu lina kunamakhaza, kodwa siqhubeke nokulwa ngoba lokhu sikwenzela imindeni yethu hhayi thina kwazise wonke umuntu udonsa kanzima asikwazi ukulokhu sicela abantu ukuthi basiphe ukudla,” kusho yena.
Ngaphandle kokuhlinzeka izingane zakhe ngezidingo eziyisisekelo, uMakade unethemba lokuthi uzothuthukisa indawo abahlala kuyo.
“Indlu yami ibukeka njegendawo yokubeka izinto. Anginazo izihlalo futhi ngilala phansi. Akukho lutho ngakho-ke,angeke ngikwazi ukwenza njengabantu abanakho konke futhi abahlala emakhaya abo ngokunethezeka. Ngidinga ukuphithizela.”
Umakhelwane kaMakade nomlingani wakhe uDweka uthe babhekene neqiniso elibuhlungu.
“Imali yempesheni ayanele, nginomndeni omkhulu othembele kumina.”
Uthe bayazi ukuthi kufanele bavuke ekuseni ukuze bathole izinto ezanele ezingasetshenziswa kabusha.
“Besiphuma emakhaya ngehora leshumi ekuseni, kodwa sakushintsha ngemuva kokubona ukuthi asenzi lutho uma siphume ngaleso sikhathi.”
Abesifazane bathola izinqola zabo ezigaywa kabusha enkampanini abadayisela kuyo izinto zabo.
“Imali esiyitholayo incike kumakhilogremu esiwaqoqayo, kodwa ayiningi.
Kwesinye isikhathi sithenga ngayo isinkwa nogesi, kodwa sigcine singasali nalutho,” kusho uDweka.
Esithombeni esingenhla: UBulelwa Makade noNofirst Dweka abavuka ekuseni kakhulu beyoqoqa amathini, amakhathoni namabhodlela angenalutho ukuze kugaywe kabusha
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze