Abesephenduke umhhume wabaphangi  amapayipi amanzi alaxazwa umyeni kaNdunankulu 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abesengumhhume wabaphangi amapayipi asala egcwele izinkalo zaseJozini KwaZulu-Natal ngemuva kokuba owayengumkhwenyana kaNdunankulu wesiFundazwe ayegixabezwe ngo-R113 million wokuwathenga.

Lokhu kuvele ngesikhathi uMasefa waseMkhanyakude uhlola ingqalasizinda yamanzi afakwa ezingxenyeni ezahlukene emphakathini. 

UNkk Linah Nkosi uthe kubajabulisile ukuthi ekugcineni lamapayipi athengwa ngo-2012 asezobasiza ukuthola amanzi edamini laseJozini.

“Kuyasijabulisa ukuthi ekugcineni lamapayipi asefakwa phansi ukuze sithole amanzi lapha eMaphaya nakwezinye izindawo. Izigebengu besezicasha kuwo lamapayipi uma zifuna ukusigila,” kusho uNksz Nkosi.

Ngo-2012 inkampani i-Afriscan eyabe imataniswa noMnuz Sibusiso Ncube nowayeganwe uNkk Nomusa MaDube Ncube, yagixabezwa ngethenda yokuthenga lamapayipi.

Nokho lokhu kuthiwa kwenzeka sekudlule amasonto amathathu esulile njengo mqondisi wayo.

UMnuz Siphile Mdaka oyiMeya yaseMkhanyakude udalule ukuthi inkinga yadalwa ukungabibikho kwemali yokuwafaka ngesikhathi sebewathengile.

“Kwathengwa amapayipi angu-9000 ukuba asabalalise amanzi emphakathini.  Kumanje sekufakwe amapayipi ayibanga elingamakhilomitha angu-15 ukuze kuhlomule zonke izindawo zaseMkhanyakude,” kusho uMdaka.

Uqhube wathi okunye abakunqobile kube ukuthola imvume yokuthatha amanzi edamini laseJozini. 

Uthe le mvume bayinikezwe uMnyango wezaManzi neNhlanzeko ukuze bangaphinde bethembela kumlimi uMnuz Dryer Senekal. 

UMdaka ubuye wachazela izintatheli ngebanga asebelihambile ukuphucula ingqalasizinda yamanzi eMkhanyakude. 

UMnuz Luzuko Govu uthe lamapayipi aqine ngale ndlela yokuthi ambalwa abeselimele.

Uthe kunokuba bathenge amasha, babone kungcono ukuba balungise wona lawa amadala.

Lamapayipi abefakela uNkk MaDube Ncube ingcindezi njengoba amaqembu aphikisayo ebemhlasela ethi umyeni wakhe wathola le thenda ngoba eganwe nguye.

Ngaleso sikhathi uMaDube Ncube waye nguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu.

Izihloko zakamuva