Abeseka uZuma banqobe e-Ekurhuleni

UZukile Majova ubheka ukuqokwa kabusha kukaMzwandile Masina okuyinselelo yakamuva kaMengameli uCyril Ramaphosa kwezombusazwe.

Ukuqokwa kabusha ihlandla lesithathu kukaMasina njengoSihlalo we-ANC esifundeni sase-Ekurhuleni kuqinisekisa ukuthi itulo eliqhubekayo kwi-ANC lokuketula uMengameli uCyril Ramaphosa likhule kakhulu emasontweni edlule.

UMasina uyaziwa ukuthi wake wadelela uRamaphosa.

Ngesikhathi kulungiselelwa ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC e-Nasrec ngo-2017, waseka uNkosazana Dlamini-Zuma emjahweni wezikhulu ezimbili ephikisana noRamaphosa.

Ngaleso sikhathi wathi: “Uma uNkosazana Dlamini-Zuma ehlulwa, abelungu bazohola iNingizimu Afrika. Ngeke ngibe yingxenye yalokho. Ngeke ngibe imeya yase-Ekurhuleni.”

UMasina uphinde waphumela obala ngokukhankasela ukuthi kubuyiswe uNobhala-Jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule esikhundleni sakhe yize kunobufakazi obuveze ukuthi uMagashule uyathinteka ecaleni lenkohlakalo lika-R250 million le-asbestos e-Free State.

UMasina ubambe iqhaza kulokho uNdunankulu uDavid Makhura akuchaze njengengqungquthela efana nomdonsiswano.

Izithunywa zichithe izinsuku ezimbili zengqungquthela yezinsuku ezintathu zilwa mayelana nemininingwane egcine yamukelwe ngosuku lokugcina.

UMasina unqobe ngamavoti angu-163 ngesikhathi uDoctor Xhakaza ethola angu-151.

Kuthiwa amavoti angu-19 engeziwe abekiwe kuze kuphothulwe inqubo yokuqinisekisa yikomiti lenhlangano likazwelonke.

Imiphumela yengqungquthela yase-Ekurhuleni kulindeleke ukuthi ibe nomthelela kwezinye izingqungquthela zezifunda eGoli futhi ekugcineni inqume ukuthi yiliphi iqembu le-ANC elizobusa isizinda somnotho wezwe.

Ngesonto eledlule ubuholi obusha besifunda iMusa Dladla abuchithanga sikhathi kodwa buvele baqonda eNkandla bayovakashela owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, bamqinisekisa ukuthi bayameseka kuzo zonke izinselelo zomthetho kanye nezepolitiki.

Bafunge bagomela ukuthi bazokhuluma neKomiti eliPhezulu likaZwelonke ukuthi liguqule isinqumo salo sokudikibalisa amalungu e-ANC ngokweseka ngokusemthethweni uZuma ecaleni lakhe lenkohlakalo.

I-ANC izobamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoZibandlela lapho uhlangothi lukaRamaphosa oluzobe lulwela ukuthi uMengameli athathe ihlandla lesibili futhi aqhubeke nohlelo lwakhe lokuqeda osopolitiki nezikhulu ezithinteka ngokuphanga eminyangweni kahulumeni nasezinkampanini zikahulumeni ngeminyaka yokubusa kukaZuma.

Scrolla World Cup Quiz