Dylan Bettencourt
I-Fifa ne-Uefa bamise wonke amaqembu ase-Russia adlala ekhaya nadlala kwamanye amazwe emiqhudelwaneni yabo kulandela ukuhlaselwa kwezwe lase-Ukraine.
I-Fifa iqale yanquma ukuthi yonke imidlalo ezodlalelwa e-Russia idlalwe ezindaweni ezingathathi hlangothi ngaphandle kokuthi ifulegi lase-Russia libe khona, okuyisinqumo esigxekwe kakhulu abaningi abakubone kuyisijeziso esithambile.
Kodwa manje i-Fifa ne-Uefa banyuse izijeziso esimelene ne-Russia ngokungavumeli noma yiliphi iqembu lebhola elihlangene nalelizwe ukuthi libambe iqhaza emiqhudelwaneni yabo.
“Namuhla i-Fifa ne-Uefa ngokubambisana banqume ukuthi wonke amaqembu ase-Russia, kungaba amaqembu amele izwe noma amaqembu asezweni, azomiswa ekuhlanganyeleni kuyo yomibili imiqhudelwano ye-Fifa ne-Uefa kuze kube kumenyezelwa imininingwane ehlukile,” kusho izigungu ezilawulayo esitatimendeni esihlanganyelwe.
Lokhu kusho ukuthi i-Russia ngeke iphinde ibambe iqhaza kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2022, njengoba ne-Spartak Moscow ikhishwe ku-Europa League esigabeni somkhumajezi.
I-Russia bekumele idlale ne-Poland emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngomhlaka-24 kuNdasa lapho obezowina kulowo mdlalo bekumele adlale ne-Czech Republic noma ne-Sweden. I-Fifa ayikasikhiphi isinqumo ngomdlalo we-Poland kuze kube manje.
I-Uefa ibhekane nengcindezi ekhulayo yokuqeda ubudlelwano bayo ne-Gazprom, inkampani yase-Russia ephethe amandla amaningi, engenisa imali elinganiselwa ku-R692 million ngonyaka.
NgoMsombuluko inhlangano ebusayo e-Europe inqume ukuqeda isivumelwano sayo nale nkampani ngenxa yobudlelwano bayo ne-Russia.
Iqembu lebhola labesifazane lase-Russia nalo lizomiswa emqhudelwaneni wase-Europe walonyaka wabesifazane obubanjelwe eNgilandi.
Lezi zinyathelo zenzeke ngemuva kokuthi i-Uefa iphuce idolobha lase-Russia i-St Petersburg amalungelo okusingatha umdlalo wamanqamu we-Champions League kule sizini, yayisa lo mdlalo e-Stade de Paris, e-France.
Izikhalazo zokukhipha i-Russia kwezemidlalo zisabalele kwiKomiti Yemidlalo Yama-Olympic Yamazwe Ngamazwe (IOC) ephakamise ukuthi bonke abasubathi base-Russia nabase-Belarus bavinjelwe emidlalweni yabo.
I-IOC ithe yenze isiphakamiso “ukuvikela ubuqotho bemiqhudelwano yezemidlalo yomhlaba wonke kanye nokuphepha kwabo bonke ababambiqhaza”.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian