Abadlali abaningi bethenisi bazwakalise ukukhathazeka ngamabhola athambile aphazamisa umdlalo nadala ukulimala kwabadlali futhi enza umdlalo ungabi mnandi.
Ngesikhathi se-Australian Open umdlalo wokuqala we-Grand Slam yonyaka, abadlali abafana noRafael Nadal noFélix Auger-Aliassime bakhala ngokuthi amabhola abengafanelekile ukusetshenziswa kulo mdlalo.
Umqondisi womqhudelwano uCraig Tiley uthe amabhola ayafana ncamashi nalawo asetshenziswa eminyakeni edlule.
Amabhola afanayo asetshenziswe ku-Qatar Open yakamuva, lapho uDaniil Medvedev ebeqhathanisa khonaamabhola anoboya nama-aphula.
Umdlali ogqoka inombholo yesikhombisa uchaze udaba lwamabhola ukuthi aphaphatheka kungakapheli imizuzu emihlanu noma eyishumi okudale ukuthi umdlalo uhambe kancane abanye abadlali balimale.
Ukulimala kuvela ngenxa yokuthi imidlalo ithatha isikhathi eside kanti nebhola kuba nzima ukulishaya.
Lo mdlali wase-Russia uthe yonke imidlalo emibili noma emithathu amabhola ehlisa ijubane ngendlela emangalisayo. Amabhola amasha asetshenziswa ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa yokuqala kanye nangemuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye.
“Ngicabanga ukuthi amabhola ayinkinga kule midlalo ethatha isikhathi eside,” kusho uMedvedev e-Qatar.
“E-Australia ngicabanga ukuthi benza okufanayo. Abadlali bebebonakala ukuthi banomfutho emidlalweni emibili ngaphambi kokuthi bashintshe amabhola wavele umdlalo wamuncu nje wahamba kancane.”
Umdlali owake waba ngumpetha we-US Open wengeze ngokuthi akakhonondi ngoba akahlulwa ngenxa yalamabhola.
Abahleli bemiqhudelwano ye-Grand Slam bakhululekile ukukhetha amabhola azosetshenziswa futhi abadlali bayaphoqeleka ukuthi bajwayele ukuzikhethela amabhola.
Owine i-Australian Open uNovak Djokovic ubalule ukuthi kunomehluko ocacile emabholeni asetshenzisiwe, kodwa wathi ungumlandeli wamabhola asetshenziswa njengamanje.
“Okwenza ngihambisane nalamabhola ingoba makhulu futhi awukwazi ukusheshisa umdlalo uphinde uthole amaphuzu asheshayo. Uma ufuna amaphuzu kufanele ugijime kakhulu futhi usebenze kanzima,” kusho lo mdlali ohamba phambili emhlabeni etshela abezindaba e-Qatar.
“Anginankinga ngoba ngiyawathanda amabhola, ngithanda nendlela abenza ngayo e-Australia futhi ngiyawathanda ukuthi siwasebenzise, ngalokho akukho engikhononda ngakho.”
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: Amabhola ethenisi athambile
Umthombo wesithombe: Pixabay