Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Amalunga oMkhonto weSizwe Party athi owani umsindo ngokufungiswa kwendodakazi kaMnuz Jacob Zuma ePhalamende ngoba noDkt Nelson Mandela noMntwana wakwaPhindangene kwenzekile ezinganeni zabo kodwa kwathuleka.
Lo msindo uqubuke ngemuva kokuba enye yamadodakazi kaZuma uNksz Brumelda Zuma ebonakale ephezulu ohlwini lwamalunga oMkhonto ayePhalamende.
Lokhu kwenze abanye ngaphakathi eqenjini bavungama bethi lokhu sekwenza iqembu ihlaya nokuthi abantu balibone njengeStokofela sakwaZuma.
UBrumelda ufungiswe ngoLwesithathu eKapa njengelunga elisha lePhalamende elimele uMkhonto ngemuva kokwesula kukadadewabo uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.
UMnuz Khulekani Sandziso weMKP uthe asikho isidingo salo msindo ngoba akuqali ngezingane zikaZuma ukuba sePhalamende.
” Kuyaxaka ngoba izingane zabanye abaholi abafana noMandela, uMntwana wakwaPhindangene, uGovan Mbeki, uWalter Sisulu nabanye akuzange kubenomsindo uma zingena ePhalamende. Kungani uma sekungezikaZuma besekuliwa kuthiwa iqembu selenza iStokofela?,” kusho uSandziso.
Uqhuba uthi uGovan Mbeki indodana yakhe uMnuz Thabo Mbeki yazeyaba nguMengameli wezwe.
KwaSisulu khona kube uNkk Lindiwe Nonceba Sisulu okewaba uNgqongqoshe eminyangweni eyahlukene, kube uMfowabo uMnuz Max Sisulu okewaba uSomlomo wePhalamende, kube umzukulu kaMandela iNkosi uMandla Zwelivelile Mandela, kube ugogo wakhe uNkk Winnie Mandela, kube uMntwana uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi nodadewabo ongasekho uMntwana u-Angela Buthelezi nabanye.
UBrumelda uthe uzimisele ukusebenza kanzima ukuwinisekisa ukuthi uMnyango wezaBasebenzi bakaHulumeni asekomitini lawo uwenza ngendlela umsebenzi.
Abaningi kuMKP bakhala ngokuthi kunenqwaba eyazinikela iMKP isungulwa yadela konke kodwa uma sekuyosetshenzelwa iqembu ePhalamende kufakwa izihlobo nezingane zakwaZuma njengoba esiShayamthetho saseKZN kufakwe usabili kaZuma okunguNkk Hlobisile maDlamini-Ngxongo ongudadewabo kaDkt Nkosazana maDlamini-Zuma owayegane Zuma.
