Abehehwa ngomsebenzi amantombazane atholwe ehhotela

Lubhalwe nguChinagorom Ugwu

Amaphoyisa ase-Anambra, e-Nigeria ahlenge abesifazane abasebasha abayisishiyagalolunye abebephoqwa ukuthi basebenze njengezigqila zocansi ehhotela.

Izisulu zihlengwe ngesikhathi kugasela amaphoyisa ehhotela elingadalulwanga e-Awka, enkabeni yedolobha.

Ukugasela kwamaphoyisa ngehora lesithupha ntambama ngeSonto kuza ngemuva kokulunywa indlebe uMnyango obhekelela abesifazane nezenhlalakahle esifundeni sase-Anambra.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uTochukwu Ikenga udalule esitatimendeni ukuthi umnikazi wehhotela uboshiwe ngesikhathi kugasela amaphoyisa kodwa akazange alidalule igama lehhotela.

Uthe abesifazane abasebasha abayisishiyagalolunye abaphakathi kweminyaka engu-15 no-23 ubudala batholakale ehhotela. 

“Okwamanje ukuphenya abesifazane ngemibuzo kuveze ukuthi abantu abahloniphekile ababaletha lapha babaheha ngokubathembisa umsebenzi ukuze baqede ububha emndenini yabo,” kusho u-Ikenga.

Lamantombazane adalule ukuthi athathwe ezifundazweni zase-Ebonyi, i-Enugu, i-Akwa Ibom nase-Rivers.

Uphinde wathi amaphoyisa akulesi sifundazwe asebenzisana noMnyango ukuqinisekisa ukuthi amantombazane anakekelwa ngendlela futhi aphinde ahlanganiswe nemindeni yawo.

Icala selidluliselwe kuMnyango ophenya ngobugebengu bombuso ukuze kuphenywe abathintekayo kulolu daba bashushiswe iNkantolo.

I-Nigeria ngo-2015 yashaya umthetho we-Trafficking in Persons (Prohibition) Enforcement and Administration Act owavala zonke izenzo zokushushumbiswa kwabantu ezweni, okuhlanganisa ukushushumbiswa kwabantu ngenjongo yokubaphoqa ukuthi badayise ngocansi.

Umthetho wabeka isijeziso seminyaka emihlanu ejele kanye nenhlawulo engu-N1 million ngokushushumbiswa okuhlobene nocansi nokuhlukunyezwa kwezisebenzi.

Baningi abantu asebeboshiwe ngamacala afanayo ezweni lonke.

Izihloko zakamuva