Abefundisi kanye nezangoma bahlangane ndawonye ukuyokwenza umcimbi wokugeza umgwaqo lapho okwenzeka khona ingozi yebhasi

Zukile Majova

Abanye bebethandaza begeza umgwaqo ngamanzi angcwele, kodwa abanye bebeshisa impepho bebiza amadlozi behlanza umgwaqo u-N2 phakathi kwe-East London ne-Butterworth.

NgoLwesine abaholi benkolo, abaholi besintu, izinyanga, izangoma, amaphoyisa kanye nezikhulu zikahulumeni baye endaweni lapho kwenzeke khona ingozi yebhasi le-DMJ elabulala abantu abangama-31 ngenyanga edlule.

Umbiko okhishwe kuleli sonto uthe ibhasi ebelithwele abagibeli abasuka eKapa beya eMthatha, belinezinkinga zemishini kanti ingozi ivele yakwenza kwaba kubi kakhulu ngoba abagibeli babengawafasile amabhande.

Izangoma nezinyanga zibize abaphansi ukuba babusise imiphefumulo yalaba abadlule kule ngozi ethusayo yebhasi, baphinde baba nomcimbi omncane abakholelwa ukuthi uzosiza laba abadlule engozini yebhasi bathole ukuphumula.

Kunenkolelo ethi uma ngabe kungenziwanga umncimbi wokugeza indawo lapho okwenzeke khona ingozi, abangasekho bazojoyina imimoya emibi badale izingozi eziningi emgwaqeni.

INhloso kaNdunankulu uLubabalo Oscar Mabuyane ukuthi wenziwe lomcimbi zingakashayi izinsuku zokuzijabulisa njengoba kujwayele ukwenzeka izingozi emgwaqeni yaseNingizimu-Afrika.

UHazel Khanyisile Parmalat uthe “umngan wami ushone engozini yebhasi esendleleni yokuyofihla umama wakhe okubuhlungu kubo sebengcwabe izidumbu ezimbili”.

Abanye bayamgxeka uNdunankulu Mabuyane bathi uhulumeni kumele agxile ekulungiseni imigwaqo ukuze abantu baphephe.

U-Onke Gxaba uthe “kumele bafake umfutho omningi bavimbe izindawo ezenza ubugebengu zikhiphe izincwadi zokushayela zomgunyathi. Izimoto ezisindayo nezilula zivele zifakwe emgwaqeni ngaphambi kokuba ziye esiteshini lapho zihlolwa khona.

“Ezinye izimoto emgwaqeni, ziyabonakala ukuba akumele ngabe ziyahamba noma zivumelekile ukungena emgwaqeni. Kuyishwa ukuthi umnyango wethu ohlinzeka ngezincwadi zokushayela uphethwe ngabathile abenza ukukhohlakala, kodwa ay bonke, abanye bafuna ukugcwalisa amaphakethe abo”.

Izihloko zakamuva