Abefundisi bebandla lase-France basolwa ngokudlwengula izinkulungwane zabafana abasebancane

Abefundisi base-France sebehlukumeze izingane ezingaphezulu kweziyi-200,000 emnyakeni engama-70 eyedlule, ngokusho kophenyo olukhulu olukhishwe ngoLwesibili.

Umbiko ubeke icala ibandla lama-Catholic Church ngokushaya ngathi abakuboni ukuhlukunyezwa kwabantwana.

Leli sonto selikhombise ukujula, okuphelelisiwe nesihluku emnyakeni eyedlule,” lizivikela lona kunokuba livikele abahlukunyezwayo kusho uJean-Marc Sauve, umphathi wekhomishini ehlanganise umbiko.

Abahlukunyezwa kakhulu abafana, iningi labo cishe balinganiselwa eminyakeni eyi-10 kuya kweyi-13, kusho uJean.

Umbiko usola ibandla lama-Catholic  ngokuhlukumeza okuphelele, ukuba nesihluku kanye nokungakhathaleli abahlukunyeziwe.”

Isonto lama-Catholic liphakathi nendawo esibalweni samabandla anezigameko zokuhlukunyezwa emhlabeni jikelele emnyakeni esanda kudlula.

UPope Francis udlulise ukubonga kulabo abahlukumezekile ngokuba nesibindi sokuphumela obala waphinde wathi imicabango yakhe inalabo abahlukumezekile, futhi uzizwa enosizi olukhulu, ngezinhlungu abadlule kuzo.

Umphathi wengqungquthela yabaBhishobhi e-France, u-Eric de Moulins-Beaufort, uthe isonto liphoxekile, ebiza umbiko njengento ebathusile wacela uxolo wathembisa ukuthatha izinyathelo ngalolu daba.

Ikhomishini yasungulwa uBishobhi wama-Catholic e-France ngokuphela konyaka wezi-2018 ngenhloso yokuveza ukukhanya kwabahlukumezekile baphinde babuyise ukuzithemba ebandleni. USauve uthe inkinga isakhona.

Izihloko zakamuva