Everson Luhanga
Abefundisi ababili bahambe beyokhuleka befuna umbuso nokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu.
Ngesikhathi beguqile endaweni engcwele ngaphansi kwesihlahla bethandaza babone isidumbu sendoda silenga esihlahleni.
Bakholelwa ukuthi isinqumo sabo sokuya entabeni siholwe umoya ongcwele ukuze bathole isidumbu salo mlisa okuthiwa uzibulele.
Umfundisi uLucas Malaza webandla i-Abalandile Benkosi Zion Apostolic Church uthe ngesikhathi bembona ubecabanga ukuthi lo wesilisa ongaziwa uyaphila. Kodwa “angiyitholanga impendulo ngesikhathi ngizama ukukhuluma naye”, kuchaza umfundisi.
Uthe uma ephakamisa amehlo ubone intambo azikhunge ngayo lo wesilisa.
Le ndawo ibigudla umfula i-Jukskei phakathi kwe-Alexandra ne-Midrand eGoli.
Lo mfundisi uthe sekuphele iminyaka eyishumi esebenzisa leli hlathi elingaphansi kwesihlahla ukuxhumana noNkulunkulu.
Uthe noma ebethukile ngento ayibonile utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu omholele kule ndawo ngoLwesibili ntambama ukuze bathole lo wesilisa.
“Ukube asifikanga mhlawumbe isidumbu besizobola khona singabonwa umuntu. Kodwa manje useyiswe emakhazeni kanti amaphoyisa azosabalalisa imininingwane engasiza imndeni elahlekelwe izihlobo ukuthi ize izobona isidumbu.
“Uma kuvela umndeni wakhe lo wesilisa uzokwazi uzokwazi ukungcwatshwa ngesizotha,” kusho umfundisi.
Umfundisi uJabulani Nkosi naye obekhona emthandazweni uthe kubuhlungu ukuthi intsha eningi iyazibulala. “Sesilokhu sikhula njalo isibalo sabantu abafuna ukwelulekwa.”
“Abanye ngaphandle kokululekwa ngokwengqondo bayazibulala ngemuva kwalokho bese imindeni yabo isibikela.
“Ukuthatha impilo yakho akusona isixazululo sanoma iyiphi inkinga umuntu angase abhekane nayo.”
Uthe iBhayibheli lisifundisa ukuthi ukuzibulala kuyisono esikhulu esilingana nokubulala. Ku-Eksodusi 20 ivesi u-12 iBhayibheli lithi ungabulali.
“Leli vesi alisho nje ukubulala umuntu, kodwa likhuluma nangokuzibulala,” kuchaza umfundisi.
Ku-Eksodusi 21 ivesi u-23 iBhayibheli lithi: “uma kuvela ingozi isijeziso ukuphila ngokuphila.”
Abefundisi ababili babikele amaphoyisa okuyiwona aludlulisele kubantu abathintekayo udaba ukuze kutholakale umndeni walo mlisa.