Abefundisi bathandazela ukuthi ubugebengu buphele

Everson Luhanga

Abefundisi base-Soweto bahlangane emhlanganweni wokukhulekelwa kwemibhikisho enodlame ezamazamisa izingxenye zesifundazwe saKwaZulu-Natali kanye ne-Gauteng.

Abefundisi bathe isizathu esikhulu somhlangano wokukhuleka obubanjelwe e-Braamfischerville e-Soweto owukuthi “Cha!” ebugebengwini nasekucekelweni phansi kwengqalasizinda kahulumeni esiza abantu.

UPastor Simphiwe Nhlapo we-Tabernacle Worship Centre uthe isonto alikwazi ukuhlala phansi ngesikhathi abantu abambalwa becekela phansi izwe.

“Njengomfundisi, kuyisibopho sami ukungenelela ngishumayeze abantu ukuthi ubugebengu kanye nokucekela phansi ingqalasizinda akulungile emehlweni kaNkulunkulu.

“Kubalulekile ukwenza umphakathi uqonde ngokombono wesonto ukuthi uNkulunkulu ngeke ajabule ngawo,” kusho uMfundisi uNhlapo.

Umfundisi ugcizelele esixukwini ebesize emithandazweni ukuthi okwenziwa ngabantu kulesi sikhathi sezidubedube bekungukweba.

“Ibhayibheli lisiyalela ukuthi ‘ungebi’ kodwa sibone abantu begqekeza bethatha izinto ezitolo okungezona ezabo.

“Ukweba lokho futhi kunesijeziso esivela kuNkulunkulu esitholwa ngabantu abanjalo,” kusho uNhlapo.

UMfundisi uThemba Zikhali we-Life-Changing Church uthe selokhu kuqale imibhikisho, ubelokhu ebamba imithandazo nabadala bomphakathi ukuze basize ukutshela abantu abasha ababandakanyeka odlameni ukuthi baphenduke. “Sithi cha ebugebengwini nasezintweni eziyihlazo emehlweni kaNkulunkulu.”

UZikhali uthe abantu abamazi ngokweqiniso uNkulunkulu abasoze babandakanyeka ekwenzeni lobu bugebengu obushiye abantu abaningi bekhungathekile. “Sesibone abantu abaningi abangenacala bethinteka, abanye baze bashona.

“Kumanje ingane encane idutshuliwe. Asikwazi ukuvumela konke lokhu ukuthi kwenzeke. Abantu kumele babuyele kuNkulunkulu bathande omakhelwane babo njengoba kusho iBhayibheli,” kusho yena.

Izihloko zakamuva