Abefundisi baseKapa bathandazela ukuphepha emigwaqeni ngesikhathi samaholide

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amasonto namaphoyisa bahlanganyela ekukhulekeleni ukuphepha njengoba isikhathi samaholidi siletha ukwanda kwezingozi.

Izikhamizi zithe umkhuleko kumele uhambisane nokushayela ngendlela efanele kanye nokuphumula kwabashayeli bamatekisi.

Abashayeli bamatekisi abahamba ibanga elide abathutha abagibeli bayanxuswa ukuthi baphumule ngokwanele phakathi nohambo lwabo. 

Lokhu kushiwo ngesikhathi kunomkhuleko lapho abefundisi behlangene namaphoyisa nezakhamuzi erenki yamatekisi e-Stock Road eKapa beyokhulekela ukuncipha kwezingozi ngesikhathi samaholidi esimatasatasa.

Isakhamuzi uMandisa Dokeni (40), uthe umthandazo udinga ukwesekwa ngokushayela ngendlela efanele.

“Inkinga abashayeli akusibo abashayeli bamatekisi kuphela, sinabantu abaphuza utshwala bazi ukuthi bazoshayela, labo bantu bayinkinga, babulale inqwaba yabantu,” kusho uDokeni.

Ugxeke abashayeli bamatekisi abangaphumuli ngokwanele. “Sinabashayeli abahamba besuka eKapa beya e-Eastern Cape bengalali, kumele bakuyeke lokho, bayeke ukubeka imali phambili, babeke impilo yabagibeli phambili,” kusho uDokeni.

UMbhishobhi uBottoman we-Spiritual Crime Prevention uthe amasonto aqale athandazela umuntu ngamunye ngaphambi kokuhlangana erenki yamatekisi.

“Silapha ukuzocela uNkulunkulu abe nawo wonke umuntu ozohambela izifundazwe ezahlukene kulesi sikhathi sonyaka, sikhulekela uhambo oluphephile ngaphandle kwezingozi,” kusho uBottoman.

Kodwa uthe imikhuleko iyodwa ngeke ivimbe izingozi. “Abashayeli nabanye kumele babambe iqhaza labo ngokulandela imithetho yomgwaqo, sesibonile ukuthi ngalesi sikhathi sesizini ziyanda izingozi, ukushayela ngokuphepha kuqinisekisa ukuthi bazofika endaweni eyodwa belandelana,” kusho uBottoman.

UColonel Nyaniso Mandlana wekamu yamaphoyisa e-Philippi East uhlanganyele kulo mkhuleko. “Sikholwa wukuthi uma sisebenza ngokubambisana singazuza okuningi. 

“Ukuhlangana komkhuleko kuyinto enhle ngoba sonke sifuna into eyodwa ukuthi abantu abazohamba bafike bephephile lapho beya khona,” usho kanje.

UMandlana uxwayise abashayeli ukuthi bangaphuzi bashayele. “Kuhle njalo ukuphumula uma bezizwa bekhathele, nokugcina isivinini esidingekayo emigwaqeni yethu kuzosiza ekwehleni kwezingozi. 

“Kumele bahloniphe yonke imithetho yomgwaqo futhi babe nesibalo esidingekayo sabagibeli ezimotweni zabo,” usho kanje.

Umshayeli wetekisi emhlanganweni womkhuleko uthembise ukuthi bazoqikelela kakhulu kule sizini.

Esithombeni esingenhla: Abaholi bezenkolo bathandazela ukuphepha emgwaqeni erenki yamatekisi yakwaStock Road.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva