Abefundisi base-Nigeria basonta nezibhamu

Kamogelo Olaitan

Abefundisi base-Nigeria kubikwa ukuthi sebephendukele ekuphatheni izibhamu uma beya esontweni ukuze bazivikele njengoba kwanda ukugetshengwa emasontweni. 

Ngenyanga edlule amabandla amathathu amaKhatholika ahlaselwe amaphekula ezindaweni ezahlukene zezwe.

Mhla zinhlanu kuNhlangulana abesilisa abangaziwa abebehlomile bagasele esontweni i-St Francis Catholic Church e-Owo, e-Ondo State bafike bavulela ngenhlamvu bebhekise kubazalwane, kwashona abantu cishe abangaphezu kuka-70 kwalimala abaningi.

NgoNhlaba amasonto amabili amaKhatholika eDolobheni lase-Sokoto nawo ahlaselwa kwacekelwa phansi isonto nezimoto zamakholwa. Lokhu kuhlasela kwenziwe ngenhloso yokuziphindiselela emuva kokuboshwa kwequlu labesilisa ababulale owesifazane ngoba esolwa ngokuhlambalaza.

Kwenye ividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana omunye umfundisi ubonakala ephethe isibhamu esontweni ethi uzokwenza noma yini ukuvikela abazalwane bakhe.

Lo mfundisi ongadalulwanga igama uqhube wathi isibhamu sakhe sagunyazwa ngonyaka ka-1994 futhi unelungelo lokusisebenzisa.

“Ngiyethemba ukuthi ngizozivikela mina nebandla lami uma amaphekula enquma ukusihlasela,” kusho umfundisi ekhuluma nebandla ebelishaya izandla.

Kwenye ividiyo owesifazane okukholakala ukuthi ungumfundisi naye ubonakala eshumayela epulpiti ebandleni ephethe isibhamu. Eduze kwakhe bekukhona i-adhure enebhande le-baseball.

NgoMsombuluko abezindaba bakuleliya lizwe babike ukuthi i-Christian Association of Nigeria ithole incwadi evela kumaphekula efuna kuvalwe amasonto izinyanga ezintathu.

Lokhu kuqinisekiswe ukhomishana wamaphoyisa wakule ndawo ozwakala kwividiyo egqugquzela amasonto ukuthi aqinise ezokuphepha.

“Incwadi yokusabisa ayizange ithunyelwe emasontweni, kodwa ilethwe lapho kuhlala khona amasosha beyidlulisela kumina,” kusho ukhomishana.

“Ngesikhathi ngibona incwadi ngimeme inhlangano yamaKristu yase-Nigeria ukuze ngibazise ngencwadi enezinsongo kungakhathaliseki ukuthi ziyiqiniso noma cha, kufanele siqaphele futhi sizame ukuzivikela.”

Izihloko zakamuva