Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Umfundisi uPaseka Mboro we-Incredible Happenings Church eKurhuleni ukholelwa ukuthi ukuboshwa kwakhe ngomhlaka-5 kuNcwaba kwakuhloselwe ukungcolisa igama lakhe.
Usola ukuthi bekuyitulo lokumgcina ejele ngesikhathi izitha zakhe zicekela phansi umndeni wakhe nesonto.
Ekhuluma nabezindaba emzini wakhe ose-Albermler ngase-Alberton ngoLwesithathu, uMboro uthe abefundisi, okuhlanganisa noMphrofethi uShepherd Bushiri, kusolakala ukuthi basebenzisana neqembu elaziwa ngeSekepe ukuze aboshwe.
Uthe iqembu lazama ukumbulala esontweni lakhe ngoNtulikazi nyakenye, naphakathi kukaNhlaba noMbasa kulo nyaka, okwaholela ekutheni amanye amalungu ebandla alimale.
“Kudingeke ukuthi kutshalwe amaphoyisa e-SAPS esontweni lami.
“Bafuna ukuqeda ngami laba bantu, futhi ngeke bayeke bengakangitholi,” usho kanje.
Elandisa ngokuhlala kwakhe ejele lase-Boksburg, uMboro uthe: “Ngake ngaboshwa phambilini kodwa ngagcina ezitokisini zamaphoyisa kuphela; bengiqala ngqa ukugqunywa ejele.”
UMboro usekhiphe umehlokaboni ka-R5 000 kongaba nolwazi ngalabo abahlela amabhasi ayisa abafundi esontweni lakhe, elabe selishiswa.
Umonakalo owenzeke kuleli bandla ulinganiselwa ngaphezu kuka-R1-million.
Ukuhlaselwa kwesonto kulandela ukuzama kukaMboro ukuthumba ehlomile abazukulu bakhe ababili e-Matshidiso Primary School e-Katlehong ngoNcwaba..
UMboro uthe akabasoli abafundi njengoba ekholelwa ukuthi bebelwela abazukulu bakhe.
“Bebekholelwa ukuthi ngithumbe izingane ukuze ngizisebenzisele umuthi,” usho kanje.
UMboro uthe izindleko zakhe zecala sezifinyelele ku-R1-million selokhu kwaqala leli cala, wasabisa ngokuthi abakhe itulo lokuboshwa kwakhe bazowukhokhela umonakalo.
Uthe uthola iminikelo yemali kwabanye abefundisi.
Icala lakhe eNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge lihlehliselwe umhlaka-21 kuMfumfu ukuze kuqhutshekwe nophenyo ngemuva kokuthi ededelwe ngebheyili ka-R3 000 ngomhlaka-12 kuMandulo.
UMboro, unogada wakhe uVincent Baloyi kanye nendodana yakhe uClement Motshoeneng babhekene namacala okuthumba, ukudubula ngesibhamu, ukukhomba ngesibhamu, ukushaya ngokusabisa, ukucekela phansi impahla (lapho uMboro asebenzisa khona ucelemba wakhe ukugqekeza ingidi ukuze angene esikoleni) kanye nokuba nezibhamu eziyingozi.
Osesithombeni ngenhla: Umfundisi uPaseka Mboro ekhuluma nabezindaba.
Umthombo: Doreen Mokgolo