AbeDudula bawushaya indiva owenkantolo

Everson Luhanga

Amalungu eNhlangano i-Operation Dudula awushaye indiva umyalelo wenkantolo wangoMsombuluko obatshela ukuthi bayeke ukuvimbela iziguli nabasebenzi abakholwa ukuthi baphuma emazweni angaphandle ukuthi bangene esibhedlela i-Kalafong e-Atteridgeville.

UMnyango wezeMpilo eGoli uthathe lesi sinqumo ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi amalungu ale nhlangano emelene nabaphuma emazweni angaphandle ehlukumeze abantu abasola ngokuthi baphuma emazweni angaphandle esibhedlela emasontweni edlule.

Kodwa umyalelo wenkantolo awuzange uphumelele njengoba kuphinde kwadingeka ukuthi amaphoyisa angenelele ngesikhathi iqulu lamalungu eDudula lizama ukungena esibhedlela lixoshe iziguli eziphuma emazweni angaphandle.

Amalungu ale nhlangano ebehleli erenki yamatekisi ebhekene nesibhedlela kusukela ngoMsombuluko mhla ziyisishiyagalombili exosha iziguli abasola ukuthi akuzona ezakuleli ngokubheka ibala lesikhumba sazo nokulalela indlela ezikhuluma ngayo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uMotalatale Modiba, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aye angenelela ngoMsombuluko ahlakaza iqulu labantu ebebehleli ngaphandle esibhedlela.

Uthe iqeqebana lababhikishi lizame ukuvimba iziguli ukuthi zingene esibhedlela i-Kalafong, kanti ngenhlanhla amaphoyisa afike ngokushesha ukudambisa isimo.

“Njengoba sekuphume umyalelo wenkantolo, amaphoyisa anikeze ababhikishi incwadi yenkantolo bagcina behlakazekile emagcekeni esibhedlela.”

Lo myalelo uvimbela amalungu ale nhlangano ukuthi ayeke “ukusabisa, ukuvimba kanye nokunqabela iziguli (ezithathwa njengezingezona ezakuleli) kanye nabasebenzi basesibhedlela i-Kalafong ukuthi bafinyelele esikhungweni ukuze bathole usizo lwezokwelashwa futhi banikeze ukunakekelwa ngokulandelana kwabo”.

UModiba uthe uMnyango uxwayisa umphakathi ngokuphazamisa ukuthola usizo lwezempilo okuyilungelo elibalulekile lomuntu.

“UMnyango ngeke unanaze ukubiza abomthetho ukuthi bathathele izinyathelo labo ababeka izimpilo zeziguli nabasebenzi engcupheni,” esho.

Umthombo wesithombe: @KasiCrimez

Izihloko zakamuva