AbeDA basinde kwitulo lokubaketula

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

USomlomo wase-Ekurhuleni uRaymond Dlamini kanye nohulumeni womfelandawonye we-DA basinde komunye umzamo  wokususwa esikhundleni sokulawula uMasipala unezinkinga.

NgoMsombuluko ntambama iJaji elibambile eNkantolo eNkulu yase-Gauteng u-Alan Dodson ukhiphe isinqumo esivuna iqembu. Ijaji lithe ukususwa kukaDlamini esikhundleni kanye nokwethulwa kwesiphakamiso sokungabethembi ubuholi beMeya uTania Campbell mhla zimbili kuNhlolanja kwakungekho emthethweni.

UDlamini uthathe isinqumo sokuwuhlakaza umhlangano womkhandlu ngemuva kokubhuntsha kwemizamo yakhe yokubeka eqhulwini ukulungiswa kwesabelomali saphakathi nonyaka nguhulumeni wobumbano oholwa i-DA ngenxa yesiphakamiso sokungathenjwa.

Nokho amakhansela angu-126 e-ANC, i-EFF namanye amaqembu akhethe ukuqhubeka nokuhlala. Bavotele uDlamini baqoka uNthabiseng Tshishinga we-EFF njengebamba likaSomlomo womkhandlu.

Ngesikhathi ethula isinqumo uDodson uthe isinqumo sokuqhubeka nomhlangano womkhandlu ngemuva kokuhlehlisa kukaSomlomo besingekho emthethweni.

“Noma yiziphi izinqumo noma izenzo ezithathwe ngokulandela izinqumo ezingekho emthethweni kuthiwa azikho futhi azihambisani nomthethosisekelo, azivumelekile, kusamele zibuyekezwe futhi zibekelwe eceleni.

“Izindleko ezitholwe ngabafake izicelo zizokhokhwa uDlamini, i-DA, umkhandlu wase-Ekurhuleni kanye noMasipala, okuhlanganisa nezindleko zabammeli ababili.”

Egubha ukunqoba uDlamini uthe uphoxekile ngokuthi isikhulu esiphezulu se-accounting, u-Imogen Mashazi akathweswa icala ngokwezimali.

“Lokhu bekuzofundisa abanye ngokuzayo ukuthi bangathathi izinqumo ezingalungile.

“Sesibuyele ehhovisi manje futhi sesikulungele ukusiza izakhamuzi zase-Ekurhuleni.”

USihlalo we-Super Seven, uJoe Mojapelo we-ICM uthe akaqondi ukuthi kungani i-DA iphusha lokhu ngoba izokhishwa ekupheleni kukaNhlolanja.

“Ingabe leli itulo labo lokusenga uMasipala ngemuva kokuphasiswa kwesabelomali saphakathi nonyaka?

“Baphusha umkhandlu ukuthi ubeke phambili ukulungiswa kwesabelomali saphakathi nonyaka kuneziphakamiso zomkhandlu.

Sizoqinisekisa ukuthi ziyasuswa ngaphambi kokuthi kulungiswe isabelomali. 

Osesithombeni esingenhla: USomlomo womkhandlu wase-Ekurhuleni uRaymond Dlamini

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva