AbeComrades Marathon baxolisa ngezinkinga ezibekhona ngesikhathi somjaho

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Abagqugquzeli beComrades Marathon bathembise ukubhekana nezikhalo abazithole emjahweni (97th) ngempelasonto.

Umjaho obusuka eThekwini uya eMgungundlovu ube nempumelelo kodwa usoseshini ukhathazekile ngokuthi izinto eziningi azihambanga ngokohlelo ngosuku lomjaho.

NgeSonto abasubathi abangu-18,884 baqale ukugijima kwathi abangu-17,313 baqeda u-85.91 km ngesikhathi ebesibekiwe samahora angu-12.

Kushode ukudla, amabhasi abethutha abasubathi eya eThekwini babambezelekile.

Izindondo zabasubathi abaqede phakathi kwamahora ayisishiyagalolunye namahora ayisishiyagalolunye nemizuzu engu-59 nazo bezishoda, kanti nokuminyana kwezimoto emgwaqeni onguthelawayeka u-N3 bekuyinkinga enkulu.

Umphathi womjaho weComrades u-Ann Ashworth uxolisile futhi wakwamukela konke ukukhathazeka.

Uthe kuzokwenziwa imizamo yokubhekana nokuxazulula zonke izikhalo.

U-Ashworth wengeze ngokuthi sekuhlelwe inkulumo-mpikiswano mayelana nenkonzo yamabhasi, izindondo nezikhwama zokudla zizothunyelwa kubasubathi kanti kuzosungulwa iphothifoliyo entsha ekomidini elihlelayo ngaphambi komjaho wangonyaka ozayo ukuze kubhekwane nezinkinga zezimoto nezokupaka.

Umjaho wabesilisa unqotshwe nguPiet Wiersma kwathi uGerda Steyn wephula irekhodi lakhe lokunqoba umjaho wabesifazane.

Isithombe esingenhla: Indondo yeComrades.

Source: @marisipho

Izihloko zakamuva