AbeChiefs bashaywe ngesithende kwiBafana 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Akekho noyedwa umdlali weKaizer Chiefs ofakwe eqenjini lokugcina labadlali abangu-23 beBafana Bafana abazodlala imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations yakulo nyaka.

Elakuleli lizokwamukela i-Liberia ngomhlaka-24 kuNdasa ngaphambi kokuthi liye e-Monrovia lapho elizobhekana khona neqembu lase-West Africa ezinsukwini ezine kamuva.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos ufake unozinti weChiefs uBrandon Petersen eqenjini lakhe lesikhashana labadlali abangu-35 ngesonto eledlule aselinciphise laba nabadlali abangu-23. UPetersen usekhishiwe kanti lokho kwenza iChiefs ingabi naye umdlali ozomela iqembu lesizwe.

Lo mqeqeshi wase-Belgium uncamele ukuqoka onozinti baMaZulu uVeli Mothwa noRicardo Goss abazojoyina ukaputeni weqembu uRonwen Williams.

Ukungaqokwa kwabadlali beChiefs kungase kukhombise ukuthi lehle kangakanani izinga laleli qembu lase-Soweto kule sizini njengoba lidonsa kanzima.

Abadlali beChiefs baqale ukungaqokwa uBroos nyakenye ngesikhathi eshiya ngaphandle uKeagan Dolly noYusuf Maart abebeyizintandokazi zakhe, wadalula ukuthi lokhu kudalwa ukungenzi kahle kweChiefs.

Lo mqeqeshi wase-Belgium waqoka u-Ashley du Preez noKgaogelo Sekgota ngoMandulo odlule kodwa laba bobabili sebephumile eqenjini lesizwe.

Njengoba iChiefs ingenaye umdlali eqenjini leBafana, iMamelodi Sundowns yiyona ehamba phambili ekuqokweni kwabadlali bayo ngemuva kokuthi kuqokwe abadlali bayo abayisishiyagalombili.

Kuyamangaza ukuthi umdlali wasemuva kwesokudla uKhuliso Mudau obeseqenjini lokuqala ukhishiwe njengoba uBroos esefake uNyiko Mobbie weSekhukhune United.

Abanye abadlali abagqamile abashiywe ngaphandle eqenjini lokuqala kubalwa umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMiguel Timm, uKhanyisa Mayo weCape Town City oshaye amagoli amabili ngoLwesibili, uFagrie Lakay wePyramids FC kanye nomgadli ozinze e-Portugal uKobamelo Kodisang.

Esithombeni esingenhla: UYusuf Maart

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva