Abebhola bazoqhubeka nokwamukela imali yase-Russia kungakhathalekile ngempi eqhubekayo

Dylan Bettencourt

Njengoba i-Fifa ne-Uefa bethathe izinyathelo zokunqamula ukubamba iqhaza kwe-Russia ebholeni, amaligi amaningi aphezulu emhlabeni abambelele ezivumelwaneni zawo zokusakaza ezinenzuzo nezinkampani zase-Russia.

Emhlabeni, abadlali bebhola nabalandeli bafuna ukuthula, kodwa ngemuva kubaphathi bebhola  bayanqikaza ukungayinaki i-Russia nemali yayo.

Isivumelwano se-Premier League TV ne-Rambler Media, esilawulwa ibhange likahulumeni i-Sberbank, lisasebenza ngaphezu kokuthi iMelika ne-United Kingdom imise ubudlelwano nabo. 

I-Sberbank yafakwa unswinyo ngoLwesine olwedlule ukuze izomisa ukudlulisa imali kwamanye amazwe njengoba ikhishwe ohlelweni lwe-Swift.

Imibiko iphakamisa ukuthi isivumelwano sikamabonakude se-Premier League ne-Rambler Media singabiza u-R143 Million ngonyaka.

I-Premier League ayikaze ixhumane nanoma iliphi iqembu mayelana noshintsho olungase lube khona kubudlelwano nabalingani bayo base-Russia.

I-England first division inokubambisana ne-Match TV, elawulwa futhi ephethwe i-Gazprom Media.

I-Uefa ithathe isinqumo sokuhoxisa ubudlelwano bayo ne-Gazprom, okuyinkampani yase-Russia enamandla okwenza inhlangano ebusayo ifike ku-R700 million ngonyaka. Khonamanjalo i-Gazprom Media, yavinjwa iMelika ngesonto eledlule.

Isivumelwano ne-Match TV sizoqala ukusebenza kuphela ngesizini yonyaka ka-2022 kuyela kunyaka ka-2023 kanti sizoba isivumelwano seminyaka eyisithupha esingabiza u-R1 billion sesisonke.

I-England Football Association nayo inesivumelwano ne-Match TV yokubonisa imidlalo yeNdebe ye-FA e-Russia.

Nakuba i-Uefa ihoxise isivumelwano sayo ne-Gazprom, ubudlelwano bayo ne-Match TV yokubonisa imidlalo ye-Champions League e-Russia abukashintshi.

Ngokusho kwe-Athletic, i-Spanish League kuthiwa izobuyekeza ukusebenzisana kwabo ne-Match TV.

Umthombo wesithombe: @TheMirror

Izihloko zakamuva