Abebhola bafuna ukuthula e-Ukraine

Dylan Bettencourt

Abebhola sebethathe isinyathelo sokukhombisa ilaka labo mayelana nesenzo seRussia sokuhlasela I-Ukraine.

NgoMgqibelo imidlalo eminingana yebhola lezinyawo ikhombise imiyalezo emelene nalempi.

Umdlalo we-Premier League phakathi kwe-Manchester City ne-Everton ubuyingqophamlando yezicelo zokuthula njengoba abadlali base-Ukraine bala maqembu omabili u-Oleksander Zinchenko no-Vitaliy Mykolenko bebebonakale benomunyu enkundleni.

Abadlali be-Everton bangene enkundleni begqoke amafulegi e-Ukraine emahlombe abo ngesikhathi abadlali be-City begqoke umfaniswano onefulegi elifanayo kanye nomyalezo othi “Ayime Impi”.

La badlali base-Ukraine baye bangane ngesikhathi amaqembu ezifudumeza, kwahlokoma isixuku esiphakamise uqwembe olunomlayezo othi “Sima ne-Ukraine”.

UPep Guardiola ukushayele ihlombe okwenziwe isixuku sase-Goodison Park ngesikhathi kunomunyu.

“Ngibonga kakhulu kubo bonke abantu base-Goodison Park. Njengamanje akusona isikhathi esihle kuZinchenko nakubantu base-Ukraine. Abantu base-Goodison Park bebemangalisa,” usho kanje.

I-arch ukuyinkundla edumile yezemidlalo i-Wembley ikhanyiswe ngemibala eluhlaza okwesibhakabhaka nephuzi yefulegi lase-Ukraine ngosuku olwandulela olwamanqamu le-Carabao Cup phakathi kwe-Liverpool ne-Chelsea.

Umdlali wasemuva we-Aston Villa uMatty Cash osanda kushintshela e-Poland, ukhumule isikibha sakhe ngemuva kokushaya igoli bebhekene ne-Brighton & Hove Albion, eveza umyalezo wokweseka uzakwabo wase-Poland uTomasz Kedziora.

UKedziora udlalela iqembu lase-Ukraine i-Dynamo Kyiv, kanti uhlala enhlokodolobha yezwe ehlaselwayo.

Khonamanjalo, i-Poland ne-Sweden banqabile ukudlala imidlalo ne-Russia. I-Poland bekumele ibhekane ne-Russia ngenyanga ezayo emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-Fifa. Uma i-Russia iwina izodlala ne-Sweden.

I-Fifa ibingakasiphenduli isinqumo esithathwe i-Poland ne-Sweden.

Umthombo wesithombe: @SportsMax

Scrolla World Cup Quiz