Linda Ximba
Sekuphele izinsuku ezintathu abadlali be-Swallows FC begcina ukunyathela ezinkundleni yokuzilolonga njengoba udaba lokungaholelwa lusaqhubeka.
Cishe sekuphele isigamu sesizini kuqubuke izindaba zezinkinga zezimali ekhempini ye-Swallows FC, kanti abaphathi bazichithile lezi zinsolo.
Ngasekuqaleni konyaka, i-Scrolla.Africa sibike ukuthi umdlali osemkantshubomvu nowayengumdlali weBafana Bafana uTebogo Langerman wake wahlala akangaya ukuyozilolonga ngemuva kokungakhokhelwa.
Ukungaqiniseki ngokuthi bazohola yini ekupheleni kwenyanga kuholele umfutho wehle ekhempini futhi imiphumela engemihle ikhombisa ukungajabuli.
Kwenzeka lokhu nje, i-Swallows, okungelinye lamaqembu amadala eNingizimu Afrika, ibhekene nengwadla. Ihlezi endaweni ka-15 kwi-log ngamaphuzu angu-24 ngemuva kwemidlalo engu-28 njengoba sekusele imidlalo emibili isizini iphele.
Umdlali we-Swallows ongathandanga ukudalulwa igama uthe, “Ngemuva kokuthi sidlale ngokulingana ngo 2-2 ne-SuperSport United ngoLwesihlanu, asizange siye ukuyozilolonga ngakusasa. Sinikele ngakho konke kulowo mdlalo yize besigijima singenalutho eziswini.”
IPhini likaNobhala Jikelele we-SA Football Players Union uCalvin Motloung uthe udaba selufikile ezindlebeni zabo.
“Ukuthi abadlali bengawatholi amaholo ku-Swallows kwenzeke kusukela ngoLwezi nyakenye, sikusukumele lokho ukuze sibhekelele abadlali, lapho esibe khona nomhlangano nabaphathi beqembu. Besinethemba lokuthi abaphathi bazogcina isithembiso sabo kodwa lokho akwenzekanga.”
Uthe udaba sebeludlulisele kwiligi. Kukholakala ukuthi iligi izodonsa amaholo abadlali ku-R2.5 million wesibonelelo abasinikeza amaqembu ngenyanga.
Ngesikhathi kucelwa isikhulu esiphezulu se-Swallows uSipho Xulu ukuthi aphawule uvumile ukuthi ikhona inkinga yezimali eqenjini. “Sike saba nazo izikhathi ezinzima kodwa siyazama ukulungisa isimo. Kukhona izikhalo esizilungisayo.”
Akukacaci okwamanje ukuthi abadlali be-Swallows FC bazowudlala yini umdlalo wabo wasekhaya ne-Chippa United ngoMgqibelo.