Abe-SGB nomalume bavale izikole e-EC

Zukile Majova

Ukushoda kwezincwadi, abasizi bothisha abangaholile kanye nezokuthuthwa kwabafundi ngezinye zezizathu eziphoqe ukuthi kuvalwe izikole kwezinye izingxenye zase-Eastern Cape.

Kume nse ukufunda ezikoleni zikahulumeni kuso sonke isifunda sase-Makhanda, lapho izikole zixabene noMnyango wezeMfundo esifundazweni, ohluleke ukuletha izincwadi ezikoleni amasonto amathathu.

Amalungu e-School Governing Body (SGB) nomalume abayingxenge yalo mbhikisho, bathe izinkulungwane zabasizi bothisha nabasizi bezikole  abaholile.

“Othisha nabasizi bothisha ezikoleni okubalwa i-Mary Waters High School, i-NV Cewu Primary, i-Ntsika High School, i-George Jacques Primary kanye ne-DD Siwisa Primary e-Makhanda bathintekile ngalesi simo,” ngokusho kwesitatimende sesigungu.

Samsung Galaxy 14G

“Abasizi bothisha abazange bakhokhelwe ngoMasingana njengoba kungekho mali eqhamuke eMnyangweni wezeMfundo e-Eastern Cape (ECDOE).

Esikoleni samabanga aphansi i-Good Shepherd bathola imali encishisiwe evela emnyangweni ezokhokhela abasizi bothisha lokho okwenze baholelwa imali engaphelele ngoZibandlela. Abazange bayithole imali ngoMasingana futhi baphoqeleka ukuthi bakhokhele abasizi ngemali yesikole.

Esinye isikole samabanga aphansi i-St Mary’s e-Makhanda sithe sikhokhele abasizi bothisha emalini yabo ngoLwezi nangoZibandlela. Bakwazi ukubanika u-50% kuphela ngemuva kokungatholi lutho eMnyangweni.

Esifundeni sezemfundo e-Amathole West, omalume baqale ukuvala izikole ngoMsombuluko bathi  uhulumeni ubakweleta imali yokuthutha abafundi.

Ngokwesivumelwano abashayeli bamatekisi namabhasi bagibelisa abafundi uma beya noma bebuya esikoleni nsuku zonke. Abafundi imvamisa baphuma emiphakathini enhlwempu, bahamba ibanga elide belibangise esikoleni.

Uthisha e-Keiskammahoek utshele i-Scrolla.Africa ukuthi othisha baya esikoleni ukuze benze omunye umsebenzi, njengoba kade bengekho abafundi esikoleni.

“Bekunje isonto lonke. Ngisho nabafundi abakwazi ukuhamba ngezinyawo uma beya esikoleni bayesaba ukukhonjwa noma ukuhlaselwa,” kusho uthisha.

“Izindawo ezithintekile zihlanganisa  i-Keiskammahoek, i-Peddie, i-Fort i-Beaufort, i-Alice, i-Stetterheim, i-Adelaide kanye ne-Cathcart.”

Scrolla World Cup Quiz