Abe-NFP basabisa ngokuthathela umengameli weqembu izinyathelo zomthetho

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Iqeqebana lamalungu aphezulu e-National Freedom Party (NFP) lisabise ngokuhudulela uMengameli weqembu u-Ivan Barnes enkantolo bese libeka eceleni zonke izincwadi zakhe zokuthi bamiswe emsebenzini.

Amalungu angu-15 abhalele uBarnes, kubalwa iPhini leMeya yeTheku uNkk Zandile Myeni, iMeya yaKwaNongoma uMnuz Clifford Mshangane Ndabandaba, uNobhala-Jikelele uMnuz Teddy Thwala namakhansela amaningi aKwaZulu-Natal.

Incwadi yabo, eputshuzelwe ku-Scrolla.Africa, ithunyelwe kuBarnes ngabakwa-TI Mbili Attorneys abazinze eThekwini. Lesi senzo silandela izincwadi uBarnes azibhalele la malungu angu-15 ngeledlule ewacela ukuthi azichaze noma abhekane nokumiswa eqenjini. 

Encwadini, la amalungu angu-15 athi izinsolo zikaBarnes ziyize leze. 

Bamtshele ukuthi izincwadi ezibasongela ngokubamisa zazisekelwe “ezinsolweni ezingamanga, ezicasulayo nezingenasisekelo”.  

Baphinde bathi akanawo amandla okubamisa eyedwa nokuthi ukuziphatha kwakhe “akukho emthethweni futhi akunamandla”. 

UBarnes unikezwe kuze kube izolo mhlaka-11 kuNtulikazi, ukuthi ahoxise lezi zincwadi noma ahudulelwe enkantolo futhi aphoqwe ukuthi akhokhe izindleko zecala. 

“Uyaziswa ukuthi uma amakhasimende ethu eya enkantolo, azofuna imali yezindleko kuwe … njengoba kusobala ukuthi wenza okuphambene nomthetho,” kubhala abameli. 

“Okuqukethwe yile ncwadi kuzovezwa enkantolo uma wehluleka ukulalela ikhwelo. 

“Sithemba ukuthi sizozwa kuwe maduze mayelana nalokhu okungenhla ukuze sigweme izinyathelo zomthetho.” 

UBarnes akazange aphendule ngesikhathi ecelwa ukuthi aphawule. 

Esithombeni ngenhla: UMengameli we-NFP u-Ivan Barnes.

Umthombo: LinkedIn

Izihloko zakamuva