Abe-IFP bacijisela uHlabisa imikhonto

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Uzulelwa amanqe uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa ngemuva kokuthi abaholi abangu-20 baleli qembu besayine isicelo sokuthi kube nomhlangano ophuthumayo woMkhandlu kaZwelonke ukuze akhonjwe indlela.

Lona umzamo wesibili wokuzama ukuketula uHlabisa ngemuva kokuvela ukuthi uke wake wanyakaziswa ngevoti lokungathenjwa kobuholi bakhe ngoNhlangulana kodwa uMengameli we-IFP uMntwana uMangosuthu Buthelezi wangenelela.

Kulindeleke ukuthi umhlangano wokuxosha uHlabisa ube seMbizo Hall eMpangeni ngase-Richards Bay.

Esimemo esibonwe iScrolla.Afrixa esithunyelwe kuHlabisa noButhelezi nguNobhala-Jikelele uSiphosethu Ngcobo sithi umhlahlandlela ucela ukuthi kube nomhlangano ophuthumayo namhlanje.

“Ngicela ukukwaziswa ukuthi ngithole incwadi evela kumalungu omhlahlandlela okungenani angu-20 abize umhlangano. Umhlangano uzoba ngomhlaka-31 kuNtulikazi kulo nyaka ngo-11 ekuseni eMbizo Hall eMpangeni,” kusho uNgcobo.

Umthombo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uHlabisa uye wasuswa ngoNhlangulana ngemuva kokuthi amanye amalungu e-IFP abonakale enaye ezinkundleni zokuxhumana egqoke izikibha ze-IFP ezinobuso bakhe.

“Lelo voti laphakanyiswa imeya ye-IFP kumasipala Inkosi Langalibalele uSobholenyoni Myeza, uHlabisa wabe esekhishwa esikhundleni.

“Ngemuva kwalokho uHlabisa wabe eseqonda kuButhelezi eyovalelisa ngemuva kokuthi esevumile ukususwa kodwa uButhelezi wathukuthela. Uye wathi akabuyele emhlanganweni aqhubeke njengoMengameli. Ube useshayela uBlessed Gwala ucingo embuza ukuthi kungani benze lokhu kuHlabisa,” kusho umthombo.

Umthombo uthi ngaphambi kokususwa kwakhe uHlabisa wadliswa ushevu kodwa wasinda ngemuva kokwelashwa.

Okhulumela i-IFP uMnu Mkhuleko Hlengwa usiqinisekisile lesi sicelo kodwa ichithe incazelo yokuthi simayelana nokususwa kukaHlabisa.

“Isigungu esiphezulu kuZwelonke yisona esizonquma ukuthi uMkhandlu kaZwelonke kufanele ube nini. Yilapho-ke okuzodingidwa khona incwadi yezikhalo ukuze kuqondwe ukuthi imayelana nani,”  kusho uHlengwa.

Phakathi kwabantu abasayine incwadi yezikhalo kubalwa u-Alco Ngobese, uX Ngwezi, u-IL Shabalala, uMN Zulu, uPhumanazo Mchunu, uTS Gumede, uWM Ntshangase, uMC Maphisa, uTM Mthembu, uDL Dube, uSD Zulu, uNB Shabalala, uSM Buthelezi, uBS Masondo, uQM Ngobese, uMR Ngobese noTY Nqubuka.

Omunye umthombo uthe ukuxoshwa kukaHlabisa kumele kwenzeke ngaphambi kokuthi uButhelezi adlule emhlabeni ukuze kuvinjwe ukwakhiwa kabusha kwezikibha ze-IFP ezinobuso bakhe.

Esithombeni esingenhla: UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva