Menzi Magubane
Ukuze baqale umqhudelwano abangakaze baphumelele kuwo, abadlali base-Ghana kubikwa ukuthi bazonikezwa u-R450 000 umuntu ngamunye uma bekwazile ukudlulela esigabeni sokuhlungela kwi-Afcon.
Ngemuva kokuqeda umdlalo ngamaphuzu alinganayo bahlulwa emidlalweni emibili yokuqala, i-Ghana ihlezi endaweni yesithathu ku-Group C kanti kuzomele iwathathe womathathu amaphuzu uma isibhekene ne-Comoros namhlanje.
Ukunqoba kwabo kuzobe kusho ukuthi sekusele kancane badlulele kuhlu lamaqembu angu-16 kulo mqhudelwano.
Umqeqeshi wabo, uMilovan Rajevac, uthenjiswe imali engango-R900 000 uma bedlulela esigabeni samaqoqo.
I-Comoros vele isiphumile ngemuva kokuhlulwa emidlalweni emibili yabo yokuqala, ibhekene ne-Morocco ne-Gabon.
I-Ghana ingasizwa ukuthi i-Morocco ishaye i-Gabon komunye umdlalo ka-Group C namhlanje ebusuku, noma i-Gabon ikhombisile ukuthi ayifikelanga e-Cameroon ukuzosinekisa amahleza.
Iqembu eliphakathi ne-Afrika lithole iphuzu emdlalweni obushubile bebhekene ne-Ghana. Ngesikhathi ama-Black Stars ekhahlela ibhola laphuma ngaphandle ukuze umdlali wabo athole usizo lokwelashwa, bebelindele ukuthi i-Gabon ibuyisele ibhola kubona.
Kunalokho, i-Gabon ayizange ibuyise ibhola kwi-Ghana iqhubekele phambili yathola igoli lokulinganisa sekusele imizuzu emibili uphele umdlalo, lokho kwaletha intukuthelo kubadlali base-Ghana.
I-Gabon izobe ingenaye ukaputeni wayo uPierre-Emirek Aubamayeng njengoba bezobhekana ne-Morocco. UPierre ubuyiselwe e-Arsenal ukuyothola olunye ucwaningo ngemuva kokuthi odokotela bethole ukuthi umgadli unenkinga yenhliziyo.
U-Aubameyang uphinde wahlolwa watholakala ukuthi une-Covid-19 ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komdlalo wokuvula we-Gabon ne-Comoros, abawunqobe ngo 1-0.
Njengamanje banamaphuzu amane kanti sekusele kancane ukuthi badlulele esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano.
Umthombo wesithombe: @CAFOnline