Abe-FIFA bangeze iminyaka yesigwebo sa-Blatter

Dylan Bettencourt

Loyo owayengumengameli webhola lomhlaba i-FIFA, uSepp Blatter uphinde wagixabezwa ngeminye iminyaka eyisithupha kulandela ukumiswa ngo-2015 ngenxa yokuphula imigomo yale nhlangano. Ukwandiswa kweminyaka yakhe kulandela ukukhathazeka mayelana nokukhokhwa ngokungemthetho kwamabhonasi ngesikhathi esaphethe.

Isigwebo sakhe esisha sizoqala uma ekuphothule lesi ayenikwe sona ekuqaleni esiphela ngo-Okthoba nonyaka. Lowo owayengunobhala jikelele kaBlatter, uJerome Valcke naye unikwe isigwebo esifanayo.

Bobabili baphinde banikezwa inhlawulo ka-R14m ngaphezulu umuntu ngamunye. 

Abaphenyi bokuziphatha be-FIFA bathe laba baphathi bobabili kubalwa nezinye izikhulu zenze uhlelo olubavumele ukuba bathole imihlomulo emangalisayo bebe bengenzanga olutheni. Bathola ukuthi uBlatter wamukela ‘inzuzo engafanelekile yezomnotho’ ka-R317m phakathi kuka-2010 no-2014.

“Ngenxa yokuziphatha kukaBlatter, ubuqotho nesithunzi se-FIFA sithunazekile. Isithunzi se-FIFA sicekelwe phansi ngenxa yalokhu,” kusho isitatimende se-FIFA..

Abalandeli bebhola emhlabeni sebeyoze babone uBlatter ngo-Okthoba 2028 lapho ezobe eseneminyaka engaphezu kuka-90. UValcke, isigwebo sakhe sokuqala obekumele sipheke ngo-2025, yena useyobonakala ngo-2031 kulandela ukunwetshwa kwesigwebo sakhe ngeminyaka eyisithupha.

Umthombo we-Ime: @SkySports

Izihloko zakamuva