Abe-Blaq Diamond nesikweletu sotshwala

Linda Ximba

Iqembu elidumile lomculo we-Afro, iBlaq Diamond edume ngengoma ethi Ibhanoyi lisolwa ngokuqola imali elinganiselwa ku-R9 000 endaweni yokucima ukoma ngaphambi kokuthi liphume lingakhokhe ngisho isenti.

Ngokusho komsebenzisi wezinkundla zokuxhumana uMusa Khuzwayo odume ngokudicilela phansi osaziwayo bakuleli uthe laba ababili abawine izindondo bakweleta i-Pavillion Lounge ese-Maboneng eGoli, izinkulungwane zamarandi.

Isiqeshana esifakwe ezinkundleni zokuxhumana sikhombisa iBlaq Diamond ijabule endaweni yokucima ukoma ngoMsombuluko odlule.

Kuthiwa benze isikweletu sika-R8,790 sotshwala obubizayo.

I-Scrolla.Africa sixhumane noNdumiso Mdletshe oyilungu leqembu okuthe ngemuva kokuzwa ukuthi ucingo belumayelana nani, wathi uphakathi nohlelo lokuqopha.

“Angifuni ukunaka lawo mahlebezi ngicela ukuthi ningixolele kancane ngoba ngimatasa ngiyaqopha esitudiyo,” esho ngaphambi kokuvala ucingo.

Abalandeli baleli qembu babonakale behlukene phakathi ngodaba lwesikweletu sotshwala. Abanye bazwelana nabo, bathi badlule ezintweni eziningi ngemuva kokuqeda inkontileka yabo nenkampani eqopha izingoma i-Ambitious Records.

Abanye bebenomuzwa wokuthi iqembu lidinga ukubhekana nemiphumela yezenzo zalo.

Umthombo osondelene naleli qembu uthi la mahlebezi aputshuzwe i-Ambitious Records “efuna ukudicilela phansi isithunzi salaba baculi njengoba bengajabule ngoba leli qembu lishiye inkampani yabo yokurekhoda futhi izinto zibukeka zibahambela kahle”.

Izihloko zakamuva