Abaziqeqeshayo abangama-gymnasts basebenzisa izithombe namavidiyo abawathola ezinkundleni zokuxhumana ukuze babe ngompetha

Zukile Majova

Umsubathi wokuzivocavoca osemncane ongaqeqeshwanga umangaze izihlwele ebezibuthene ezinkundleni zemidlalo zase-Rhode EmaXesibeni e-Eastern Cape ngomnyakazo wakhe.

UThandokazi Gqoli oneminyaka eyi-15 ubudala kanye nozakwabo oqeqesha naye oneminyaka eyi-19 uBaxolile Mphanda bangama-gymnast azifundisayo. Bakwenza noma yikuphi uma bebona isixuku esikhulu sabantu.

Bahlele ukuqhubeka nokwenza abadume ngakho emishadweni, emicimbini yesintu nasemibuthanweni yezikole.

Ngempelasonto uThandokazi ubenandisa emcimbini webhola lomnqakiswano obuhlelwe i-Eastern Cape Liquor Board, wokufundisa intsha ngokuphuza ngendlela efanele ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.

UThandokazi uthe: “Ngiqale ngoNcwaba  ngihamba nomngani wami wesikole samabanga aphezulu i-Mt Ayliff. Usehambile endaweni yangakithi manje ngiziqeqesha noBaxolile naye ozifelayo nge-gymnastics.

“Asinaye umqeqeshi, sibona izithombe namavidiyo ezinkundleni zokuxhumana bese siyazilolonga uma sekuphume isikole.”

UThandokazi noBaxolile abenza ibanga le-10 nele-11 esikoleni samabanga aphezulu i-Rhode,  bagqugquzelwe imidlalo yama-Olimpiki.

Kodwa ngemuva kwezinyanga bezama ukuthola umqeqeshi ezikoleni zasemakhaya ezizungezile, banquma ukuthembela ezinkundleni zokuxhumana ukuze bathole izifundo futhi banethemba lokuthola uxhaso ngezimpahla ne-data ukuze bathole amanye amavidiyo.

“Kuyiphupho lethu ukuthi siye kuma-trial eqenjini laseNingizimu Afrika lama-Olimpiki. Kuze kube manje senza kahle esikoleni sethu futhi sike sanandisa esigodini sase-SugarBush e-Mount Ayliff,” kusho uThandokazi.

Ngalo lolu suku uthisha osewathatha umhlalaphansi, uNonkanyiso Matshoba, oqeqesha intsha ngomdanso we-ballroom, udedele abadansi bakhe abasebancane ukuthi bahambele izihlwele zasemakhaya.

“Njengoba sengithathe umhlalaphansi, ngichitha isikhathi sami ngiqeqesha intsha engama-20 ngomdanso we-ballroom. Ngake ngafundisa ubuciko esikoleni samabanga aphezulu i-Zweledinga lapho engangiwuthanda kakhulu umdanso nomculo.

“Ngaqala ukuqeqesha abantu abasha ngomdanso we-ballroom ngathola noxhaso kosomabhizinisi bendawo nomasipala abasiza ukuhlela othisha abaqhamuka KwaZulu-Natali ukuthi basinike izinkundla zokucobelelana ngolwazi.”

Leli qembu lizimisele ngokuhambela imiqhudelwano, kodwa livamise ukungaphumeleli kwizimemo zabo ngenxa yemali yokugibela.

Izihloko zakamuva