Lungani Zungu
UMengameli okhethiwe wase-Zambia u-Hikienda Hichilema ubukeka ngathi uthole imvume evela kwabaqhamuka e-Zambia abazinze eNingizimu Afrika.
U-Enoch Banda ophethe inxanxathela yezindawo zezinwele Ethekwini wayegculisekile ngobuholi bakhe nangendima ayidlalile uHichilema ngenkathi esasebenzela umkhakha ozimele.
Isizwe sase-Afrika sidinga umholi onjengaye kusho uBanda.
UBanda ukhiphe isixwayiso ku-Hichilema ukuthi i-Zambia izomujikela uma ngabe ehluleka ukufeza izithembiso zakhe.
Uthe osanda kuphuma u-Edgar Lungu bamujikelile naye.
Iphutha alenzile uLungu ukuzitshela ukuthi uyena ozikhethile ukuthi abe nguMengameli. Abantu ngenkathi sebekhathele uyena bamukhiphile.
U-Hichilema ungomunye odume ngokuba nezigidi zemali e-Zambia.
Abasebenzela amabhizinisi akhe kubukeka ngathi ibona abamuvotele kakhulu e-Zambia ngethemba lokuba uzokwazi ukukhuphula umnotho aphinde avule namathuba omsebenzi.
Ohlala Ethekwini u-Danny Phiri oqhamuka endaweni yase-Kabwe e-Zambia uthe u-Hichilema ukhuthaza ukuthi abazithembe.
Ngicabanga ukuthi ukuqokwa kwakhe kumfanele. Ngiyathemba uzogcina zonke izithembiso azenze ngenkathi ekhankasa.
UPhiri wafika eNingizimu Afrika eminyakeni eyi-15 edlule waqala ukuvula isitolo esivele sakhula saba isuphamakethe.
Ngaphuma ezweni lami ngenxa yohulumeni onesihluku futhi ubengakwazi ukusiza izidingongqangi kubantu basemakhaya.
Uhambo lwakhe lokuya eNingizimu Afrika wayezofuna impilo engcono.
U-Hichilema uhlule uLungu ngenkathi kuvotelwa ozoba nguMengameli kule nyanga.
ULungu osabise ngokuya enkantolo, kubonakale ukuthi uhluliwe ngoMsombuluko, wavulela uHichilema isikhala sokuba nguMengameli.
Ngenkathi ethula inkulumo yakhe yokuqala njengoMengameli ngoMsombuluko uHichilema uthembise abantu base-Zambia impilo engcono.
Uphinde wafunga kubantu bezindaba ukuthi inkululeko yabo angeke iphazamiseke. Angeke kufane njengoba bekwenzeka ngokudlule.