
Celani Sikhakhane
NgoNhlangulana nyakenye abazali base-Escort, KwaZulu-Natal bavala amasango esikole samabanga aphezulu iSahlumbe futhi batshela othisha baphinde bazosha othisha.
Lokhu bekuhambisana nokushoda kwamanzi endaweni.
NgoMsombuluko bangaphezu kuka-1 200 abafundi abayalelwe ukuthi bahlale emakhaya kuze kube uMnyango wezeMfundo wengeza othisha.
Kuvela ukuthi ngesikhathi kuvalwa izikole ngenxa yamanzi abanye othisha bathatha izincwadi zokusebenzela kwezinye izindawo bashiya le ndawo okwenze ukuthi isikole singabinabo othisha bebanga lesishiyagalombili namanye amabanga.
Kusukela ngoNhlangulana nyakenye abafundi bebanga lesishiyagalombili kule ndawo abakaze balubhade ngisho nakanye ekilasini kanti nezicelo zabazali babo azilalelwa.
Kuleli sonto abazali banqume ukuthi abafundi abebefundiswa ngothisha abangamavolontiya kumele bahlale emakhaya.
UMfundo Dladla ongumzali ovolontiya njengothisha nofundisa la mabanga alandelayo 9, 10, 11 no-12, uthe bathathe isinqumo sokuthi bonke abafundi abangu-1200 bahlale emakhaya.
“UMnyango kumele usilethele othisha,” kusho uDladla.
Uthi lokhu kuyinkinga enkulu ngoba iSahlumbe ithatha abafundi abavela ezikoleni ezintathu zamabanga aphansi njengoba kuyisona sodwa isikole samabanga aphezulu endaweni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnu Muzi Mahlambi, akatholakalanga ukuba aphawule njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.