Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- Abazali babhikishe ngemuva kokuthi uthishanhloko ekhiphe izincwadi zokuvikela eziyalela abazali ukuba bangasondeli esikoleni sezingane zabo.
- Uthishanhloko usolwa ngokusebenzisa budedengu u-R3-million wemali yesikole nokukhokhisa imali esikoleni esingakhokhisi.
Abazali besikole sase-Hammanskraal bathukuthele ngemuva kokuthi uthishanhloko ethole izincwadi zokuzivikela kubazali abafuna izimpendulo ukuze bangasondeli eduze namasango esikole.
Abazali base-Tsebe-Ntlha Primary School, e-Temba, abafuni uthishanhloko abuye ngoba akakachazi ukuthi kwenzekani ngokulahleka kuka-R3 million wemali yesikole ngo-2021.
Uthishanhloko wayiswa kwesinye isikole iminyaka emithathu wazama ukubuya ngomhlaka-27 kuMasingana.
UHardy Ranamane, ongumzali nentatheli kwi-Moretele FM, uthe naye uthole incwadi yokuvinjwa.
“Singavinjelwa kanjani ukuthi singene esikoleni okufunda kuso izingane zethu, ukuze silwe nokukhwabanisa nenkohlakalo?
“Isikole asihlanzekile, abafundi bakwa-Grade R bayaphoqeleka ukuthi basebenzise amagumbi okugeza nabafunda u-Grade 7, izindlu zangasese azinazo izicabha futhi zivame ukugcwala,” usho kanje.
URanamane uthe njengoba uMnyango wezeMfundo umise ukukhokha, abanye abazali basakhokha imali yesikole kulo nyaka.
Inkinga yaqala ngo-2021 ngesikhathi isikole sishintsha sifundisa isiNgisi. Uthishanhloko watshela abazali ukuthi manje sekuyisikole esizimele sangasese, kodwa kwavela ukuthi yisikole esikahulumeni esingakhokhisi.
USurprise Mdluli, onguSihlalo we-School Governing Body (SGB), uthe uthishanhloko wenza ukuthi abazali bakhokhe u-R500 wokubhalisa, u-R850 wezinto zokubhala, u-R250 wenyanga no-R5 njalo ngoLwesihlanu wokugqoka izimpahla zokuswenka.
Uthishanhloko akazange ayivumele i-SGB ukuthi ibone amarekhodi emali yesikole, nokwaholela emibhikishweni.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Gauteng, uSteve Mabona, uthe bahlangane nabazali kodwa abavumi ukuthi izingane zabo zibuye uma uthishanhloko ekhona.
“I-SGB isahlakaziwe futhi sizokwenza i-AGM yesigungu sabazali mhla zizinyekuNdasa esizosiza ngenqubo yokuphatha edingekayo ukuze kukhethwe i-SGB entsha.
“Sibanxusile ukuthi basivumele isikole sisebenze sibe silungisa lolu daba kube nhlanga zimuka nomoya, sizibophezele ekulungiseni izindaba zezindlu zangasese namanzi,” usho kanje.
Isithombe esingenhla: Isikole samabanga aphansi iTsebe-Ntlha.
Umthombo: Sithunyelwe
