Abazali bathukuthele bagane unwabu ngamazwi kathisha onokucwasa ngokwebala

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Abaphathi besikole samabanga aphansi iStanger Manor ngaseThekwini bangaphansi kwengcindezi yabazali yokuthi baqale uphenyo ngothisha okuthiwa uthe abazali abamnyama bayiziphukuphuku.

Lo thisha ogama lakhe laziwa i-Scrollla.Africa kuthiwa utshele abafundi bakaGrade 4 ukuthi uyabazonda abantu abamnyama.

Ngokusho kwabazali abalusukumele lolu daba, ukuphawula kuqubuke ngemuva kokuthi abafundi abamnyama becela kaningi kuthisha ukuthi abavumele baye endlini yangasese ngesikhathi sokufunda.

Kusolwa ukuthi uthisha uvele wathukuthela wakhuluma amazwi anokucwasa ngokwebala.

“Ingane yami ithe uthisha uthe iyabazonda abantu abamnyama futhi abazali bethu bayiziphukuphuku,” kusho omunye umzali etshela iScroll.Africa ngoLwesibili.

Ekuseni abanye babazali abebedinwe begane unwabu bavakashele esikoleni bezokhala ngalolu daba okuthiwa lwenzekile, uthishanhloko ukhulume nabo.

“Sibona sengathi bazama ukuthi lolu daba lucindezelwe kodwa sifuna kuphenywe ukuze uthisha ajeze ngale nkulumo ecasulayo,” kusho omunye umzali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMuzi Mahlambi uthe: “Sizoluphenya lolu daba, ngoba angeke sikubekezelele ukucwasa ngokwebala.”

Isithombe esingenhla: Isikole samabanga aphansi iStanger Manor KwaZulu-Natal.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva